Isimanga inkawu ifonela amaphoyisa

Dylan Bettencourt

Iziphathimandla zase-California zibika ukuthi inkawu yasendaweni yokulondoloza izilwane idale isiphithiphithi ngesikhathi ibamba umakhalekhukhwini yashayela inombolo yamaphoyisa u-911.

Amasekela eHhovisi likaSheriff County e-San Luis Obispo ahlabe umkhosi ngemuva kokuthola ucingo ngoMgqibelo ngoba ulayini unqanyuliwe futhi esaba ukuthi kukhona osenkingeni.

Ngokwesitatimende samaphoyisa azamile ukufona ngoba abesola ukuthi kungenzeka kube nesimo esiphuthumayo, kodwa akuphendulanga muntu.

Ihhovisi libe selinquma ukuphenya lalandela ikheli elisohlwini lwedolobha lase-Paso Robles, okuxakayo ikheli libaholele endaweni okugcinwa kuyo izilwane. 

Amaphoyisa avele ajabha ngesikhathi etshelwa ukuthi ucingo aluphumanga kumuntu, kodwa basola inkawu ebizwa ngoRoute. 

URoute oyinkawu ehlala e-Zoo to You park uthathe umakhalekhukhwini washayela amaphoyisa.

“Sitshelwa ukuthi izinkawu ezingama-Capuchin zihlakaniphile futhi zifuna ukwazi yonke into” ngokusho kwesitatimende. 

Lokhu kuphenduke ihlaya ngemuva kokuthi bathole ngokwenzekile kanti ihhovisi lize lathwebula nesithombe beshuthe naye uRoute esithathwe safakwa ezinkundleni zokuxhumana.

I-zoo iphendule lo mbhalo ngokugqamisa lesi sigameko njengesizathu sokungagcini izinkawu njengezilwane ezifuywayo.

“Nakuba sifisa ukuthi kube yinto ethile esekelwe emfundweni yokongiwa kwemvelo, lokhu makusebenze njengesifundo sokuthi izinkawu akuzona izilwane okufanele zigcinwe njengezilwane ezifuywayo!” I-Zoo to You ibhale ku-Facebook.

“Zifuna ukwazi yonke into, angeke wazi ukuthi yini engenzeka!”

Umthombo wesithombe: @DigitalTrends

Izihloko zakamuva