Isimanga benza ucansi phezu kwethuna

Kamogelo Olaitan

Uma kushona isigebengu kuleli izimoto zivame ukubonakala zishaya amathayi, kukhala nenganono uma sekungcwatshwa.

Lokhu akuyilutho uma kuqhathaniswa nomngcwabo womuntu obe umnikazi wendawo yabadayisa ngomzimba.

Emathuneni ase-Dangamvura e-Mutare e-Zimbabwe ngoLwesine, odayisa ngomziba uzinikele ngokwenza ucansi mahhala kunoma ngubani ozimisele ukulwenza phezu kwethuna lomufi – ukuze “amhloniphe”.

Ngemuva kokuthi abesilisa abebesemathuneni bethi ukungabaza kancane ukwenza lokhu, omunye ugcine ezinikela kanti abantu baye bajabula bamkhuthaza ukuthi akhumule.

Kwividiyo efakwe ezinkundleni zokuxhumana abantu ababili ababeze emngcwabeni babonakala emini kabha, bekhumula benqunu becela ijazi lomkhwenyana.

Lesi senzo sibambezeleke cishe ngesigamu sehora njengoba ababeze emngcwabeni bebezama ukutholela laba ababili ijazi lomkhwenyana. Ngesikhathi bethola ijazi lomkhwenyana laba ababili benze ucansi olushisayo phezu kwethuna.

UMaroni Mazvita Karinda ubengumnikazi wendawo yabadayisa ngomzimba owaziwayo edolobheni lase-Mutare, esifundazweni sase-Manicaland.

Akubona bonke abathola lesi senzo sihlekisa noma sihlonipha umufi. Umndeni kamufi uthe aweneme ngokwenzekile.

Umfowabo kaMaroni uFungai Mazvita Karinda utshele iphephandaba i-The Weekender ukuthi: “Siwumndeni sizamile ukubavimba kodwa abazange besilalele, sibatshelile ukuthi njengabangani bakamufi kumele basihloniphe kodwa abazange bayeke.”

Okhulumela amaphoyisa e-Zimbabwe Republic Police esiteshini samaphoyisa sase-Manicaland u-Inspector Nobert Muzondo uthe abenze ucansi phezu kwethuna bazoboshwa.

“Ngempela asikwazi ukukubekezelela lokhu kuziphatha okubi kangaka. Abantu ngeke becasulwe esidlangalaleni, ingasaphathwa eyokuthi benze ucansi phezu kwethuna ngesikhathi abantu abebukela bejabule sengathi babukele ibhola,” esho.

Izihloko zakamuva