ISilo sinxuse ukuthula eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sinxuse osopolitiki ukuthi bayeke ukulwa kodwa bagqugquzele ukuthula KwaZulu-Natal.

Sikhuluma ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isiShayamthetho KwaZulu-Natal eMgungundlovu ngoLwesibili, ngicela iphele indaba yokuchitheka kwegazi. 

“Ngicela ukuthula kanye nokubekezelelana phakathi kwawo wonke amaqembu ezombusazwe azokhankasa okhethweni lwalo nyaka. Nginifisela inhlanhla,” sisho kanje. 

ISilo siphinde sakhipha umyalelo wokuthi kumele kuphele ukubulawa kwamakhansela namakhosi KwaZulu-Natal.

ISilo uMisuzulu sifike ngesitayela noNdunankulu waso uMfundisi uThulasizwe Buthelezi.

UButhelezi uhambe emazwini eSilo.

Uthe osopolitiki mabayeke ukulwa benze ukuthula KwaZulu-Natal.

“Siyajabula ukuthi iSilo sikhulume ngokuthula KwaZulu-Natal – asifuni ukulwa,” kusho uButhelezi.

IPhini likaNdunankulu kaZulu, iNkosi uPhathisizwe Chiliza uthe ujabule ngenkulumo yeSilo. “Ngesikhathi ekhuluma ngokubulawa kwabaholi bomdabu KwaZulu-Natal kuthinte inhliziyo, besidinga ukuzwa lokho futhi sifuna ukucacisa ukuthi abasibulalayo abayeke,” usho kanje. 

USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala uthe iqembu lijabule kakhulu ukuzwa iSilo sikhuluma ngokuthula.

Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango uchaze iSilo njengobaba.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal uFrancois Rodgers uthe iqembu lifuna i-ANC ilandele izeluleko zeSilo.

Esithombeni esingenhla: ISilo sssizwe samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube kanye noSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uSiboniso Duma.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva