Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo uMisuzulu kaZwelithini sibuyise owayenguSihlalo webhodi le Ngonyama Trust uMnuz Jerome Ngwenya ngemuva kokungaboni ngasolinye noNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
INdlulamithi kuthiwa ibuyise uNgwenya nowakewaba iJaji ngoba ingeneme ngeziphakamiso zikaButhelezi zokuthi esikhundleni sokuba iNgonyama Trust izimele kodwa yena uthi mayibike kuNdunankulu waseKZN nakuNgqongqoshe kazwelonke.
Kuthiwa lokhu iSilo asikuthandanga ngoba kuphambana nombono waso wokuba ibhodi le Ngonyama Trust izimele geqe ukuze ukusebenza kwalo kugunyazwe iSilo ngenhloso yokunikeza amakhoso ezizwe amandla ngokuphathwa komhkaba wawo.
Okhulumela ihhovisi elizimele leSilo, uMnuz Zanemvula Ndamase uthe empeleni uNgwenya ucelwe iNdlulamithi ukuba adlale indima yokuba umeluleki wayo ngezinto ezithinta Ingonyama Trust.
” UNgwenya akaqokiwe okwamanje kodwa ucelwe ujuba umeluleki kwiNdlulamithi ngezinto ezithinta Ingonyama Trust. Ngakho akukho lapho okuthiwa uqokwe khona ngokusemthethweni. Ucelelwe lo msebenzi bgiba usebenze isikhathi eside engusihlalo webhodi le Ngonyama Trust nokumenza abenolwazi olunzulu ngalo,” kusho uNdamase.
Kwenzeka lokhu nje uNgwenya usanda kuyalelwa inkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ukuba akhokhe imali ebalelwa ku-R30 million okuthiwa wayifaka kummeli wakhe esikhundleni sokuba ifakwe ku-Account yeNgonyama Trust.
Le mali kwakuthengwe ngayo umhlaba wesizwe sakwaMkhize eHammasdale ngemumva kokudayiselwa umasipala weTheku.
