‘Isikhulu sezimali saseMvoti asiwufanele lo msebenzi’ 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (CoGTA) ushaye ingwijikhwebu ngokuqokwa kukaMnuz Martin Swanlow njengesikhulu sezimali kumasipala waseMvoti e-Greytown.

Encwadini ebhalelwe umasipala ophethwe ngokuhlanganyela i-Abantu Batho Congress kanye ne-ANC, umnyango uveze izinto eziningi mayelana nokuqokwa kukaSwanlow okuhlanganisa ukungahambisani kwamagama athile ohlwini lwabazohlungwa kanye nezingxoxo mayelana namakhono.

Incwadi iputshuzelwe i-Scrolla.Africa.

Ngemuva kwezinyanga lesi sikhundla sivulekile, kuthiwa imibandela yemfundo yalesi sikhundla yehlisiwe ukuze uSwanlow athole umsebenzi.

“Kubukeka sengathi ukuqokwa kukaMnu ME Swanlow akuhambisani nezidingo zemfundo ezibalulwe emithethweni,” kufundeka ingxenye yencwadi.

Incwadi ithe, ngokwe-CV kaSwanlow akasifanele lesi sikhundla.

Umnyango utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usacubungula ukuqokwa kwakhe futhi ubungakaluphothuli lolu hlelo.

Okhulumela umasipala uMnuz Samukele Ngubane uthe bebengakayiboni incwadi evela emnyangweni ekhala ngokuqokwa kwakhe.

Esithombeni esingenhla: I-CoGTA KwaZulu-Natal eholwa uNgqongqoshe uBongi Sithole-Moloi iphakamise imibuzo ngokuqokwa kwe-CFO kamasipala waseMvoti.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva