Isikhulu esiphezulu kuthiwa sintshontshe umshini wokuwasha

Kuleli sonto lemibhikisho akubona bonke abaphangi abebengabantu abebelambile ngempela.

Kuboshwe umphathi omkhulu wenkampani enkulu ngezinsolo zokweba umshini wokuwasha wakwa-Samsung ngesikhathi kuphangwa impahla eThekwini.

UQhawe Sithole, ohlala eMhlanga enyakatho yeTheku futhi ushayela i-Jeep Wrangler (ekhonjiswe ngenhla nomshini wokuwasha), umisiwe yibhodi le-Ubuntu Wealth Management ngemuva kokuboshwa esolwa ngokuba nesandla ezenzweni zobugebengu.

Esitatimendeni esikhishwe ibhodi, uMmangaliso Nxumalo uthe uSithole umisiwe emsebenzini ngokukhulu ukushesha, futhi kusalindwe umphumela wecala lakhe kanye nophenyo oluzimele lwamacala athweswe wona.

Ku-website yayo Ubuntu Wealth Management ithi inhloso yayo “ukukusiza ukhulise ingcebo oyidingayo ukuze wena nomndeni wakho nikwazi ukujabulela impilo enethezekile ngokugcwele.”

Izihloko zakamuva