Isihluku kubulawa uthisha esolwa ngobusela

Kamogelo Olaitan

Ubulawe ngesihluku uthisha  abebezitshela ukuthi isela lezimbuzi eLimpopo ngoMgqibelo.

USiphiwe Zondo  (43) ubehamba ngemoto egoduka nezimbuzi ngeveni lakhe ngesikhathi ema esiphaza ethenga isiphuzo esibandayo esigodini sase-Mamaolo ngaphandle kwase-Lebowakgomo.

Kuthiwa abantu bendawo bebemsola ngokuntshontsha izimbuzi. Uthisha uzamile ukubachazela futhi ababonise ubufakazi bokuthi uzithengile, kodwa akekho obezimisele ukumlalela.

USiphiwe ongubaba wezingane ezimbili bamushaye bamukhanda ngamatshe washiswa ephila. Imoto yakhe nayo yashiswa.

Unkosikazi wakhe uNtombi Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uSiphiwe uthenge izimbuzi ngoLwesihlanu futhi ubefuna ukuzidayisa KwaZulu-Natal. Ubengenazo izimbuzi ezanele wathatha isinqumo sokuthi ayothenga ezinye ngakusasa.

“Ngisebenza kude nasekhaya ngakho ungishayele ucingo ethi ufuna ukuthenga ezinye izimbuzi azoziyisa e-KZN phakathi nesonto,” kusho uZulu.

Uthe uqale ukukhathazeka ngesikhathi efonela omakhalekhukhwini bakhe bobathathu bevaliwe.

“Kamuva umngani wami wangitshela ukuthi umyeni wami ube sengozini wathi angisheshe ngiye ekhaya, ngithe uma ngifika endlini yami ngabona izimoto ziningi ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kusho unkosikazi wakhe.

UZulu uthe umyeni wakhe ubethenga izimbuzi e-Limpopo kusukela ngo-2011 ngesikhathi ethola umsebenzi ekolishi lendawo. Ube esezidayisa e-KZN njengoba zidingeka kakhulu khona.

“Amaphoyisa athole ubufakazi bokuthi zithengiwe endaweni yesigameko okukhombisa ukuthi ubezama ukufakazela isixuku ukuthi uthenge izimbuzi ngokusemthethweni. Kodwa kusobala ukuthi akekho obefuna ukumlalela,” kusho umfelokazi obedabukile.

UZulu ukholelwa ukuthi esinye isizathu esenza ukuba umyeni wakhe abulawe ukuthi abantu bendawo bezwe ngendlela akhuluma ngayo ukuthi akayena umPedi.

“Bangithathele umnyeni wami nobaba oqotho wezingane zami, ubengumuntu okhuthele ewuthanda umndeni wakhe. Angazi sizoqhubeka kanjani ngaphandle kwakhe,” kusho unkosikazi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uColonel Mamphaswa Seabi uthe kuthungathwa abasolwa.

“Amalungu omphakathi ayaxwayiswa ukuthi angazithatheli umthetho ngezandla, kodwa adlulisele abasolwa emaphoyiseni ukuze baphenye futhi bashushiswe,” kusho uSeabi.

Onolwazi uyacelwa ukuthi athinte uMseshi  Makadani kule nombolo-0720297499 noma i-Crime Stop ku-0860010111 noma athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma u-My SAPSApp.

Izihloko zakamuva