Isihluku iphoyisa libulala isithandwa salo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iphoyisa lase-Springs lidubule labulala intombi yalo ebese lithandane nayo isikhathi eside ngeSonto ekuseni, kubikwa ukuthi likwenze lokhu ngenxa yesikhwele ngaphambi kokuthi lizidubule nalo.

Isidumbu sikaConstable Kwanele Dunga nesikaNompumelelo Hlatswayo zitholakale emotweni kaDunga zinamanxeba okudutshulwa emqaleni.

Kuqubuke impi ngesikhathi besendaweni yokucima ukoma eDuduza, e-Ekurhuleni, uConstable esola ukuthi intombi yakhe iyamjolela. 

Abazibonele babike ukuthi babone izithandani ziphuma endaweni yokucima ukoma, iphoyisa ilona ebeliphoqa intombi yalo ukuthi ingene emotweni yalo ngaphambi kokuba lisuke ngesivinini.

Ngokushesha ngemuva kwalokhu izidumbu zabo zitholwe emotweni kaDunga eceleni komgwaqo e-Pollak Park, e-Springs, inamafasitela ahlephukile kwesokunxele ngemuva nangaphambili kwesokudla.

Iphoyisa belithole inxeba lokudutshulwa ohlangothini lwesobunxele entanyeni, kanti intombi yalo ibonenxeba lokudutshulwa kwesokudla. Isibhamu sikaDunga sitholwe esandleni sakhe.

UNomthandazo Masikela ozibonele kwenzeka lesi sigameko ubalise ngezinto eziholele kule nhlekelele. “Benginovalo lokuthi lezi zithandani ziphuzile futhi zingadala ingozi ngendlela imoto esuke ngesivinini ngayo, ngemuva kwesikhashana ngezwa isibhamu siqhuma kabili kwaqede kwathulakala. Kuthe uma siphuthuma khona sathola izithandani zivaleleke emotweni.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Themba Tshabalala ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala kanti bavule uphenyo. “Imbangela yokubulala ibingakaziwa, kanti uphenyo lusaqhubeka.”

UDunga noHlatswayo bobabili kuthiwa bashonile endaweni yesigameko.

Esithombeni esingenhla: UConstable Kwanele Dunga nentombi yakhe uNompumelelo Hlatshwayo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva