Isihleliwe imidlalo yesibhakela yabantu besifazane eyenzelwe ukugubha inyanga yabantu besifazane

Linda Ximba

Ukugubha inyanga yabantu besifazane, inhlangano i-Gauteng Boxing Promoters (GBPA) ihlanganise umqhudelwano ofaka abantu besifazane abayisihlanu ozokwenzeka e-Booysens Boxing Club endaweni yase-Gauteng ngeSonto.

Umpetha we-National bantamweight uMelissa Miller owaziwa ngelikaHoney Bee uzobe evikela umqhele wakhe ngenkathi elwa noSharadene Fortuin owaziwa ngelikaShinzo.

UMiller uqhamuka e-Eldorado Park ngase-Egoli. Uqeqeshwa uLucky Ramagole bese kuthi uFortuin uqhamuka e-Cape Town, kodwa uhlala Egoli lapho eqeqeshwa khona uHarry Ramogoadi.

Kuzoba umdlalo wokuqala kaMiller selokhu anqoba umdlalo wakhe eqhudelana noZuma Thema oqhamuka KwaZulu-Natali beqhudelana e-Port Elizabeth ngowezi-2019. Lo mpetha uzoba ephezu kwengcindezi yokuzibuyisa selokhu awina ngeminyaka emibili eyedlule, waphinde wahlulwa kabili ngokulandelana. 

Okokuqala wahlulwa  u-Ellen Tigress owaziwa ngelikaSimwaka oqhamuka e-Malawi emhlula kumqhudelwano wabo e-Soweto ngowezi-2020 waphinda wahlulwa ngoNdasa kulonyaka eqhudelana noSimangele Hadebe eMpumalanga. Kwakungekho okusengcupheni kuleyomidlalo. 

Kulo mqhudelwano omkhulu kuzoba nempi phakathi kukaMapule Ngubane kanye noRita Mrwebi abezobe belwela i-bantamweight futhi umdlalo uzothatha imizuliswano eyisishiyagalombili. Okuyena owayethole isicoco saseNingizimu Afrika aphinde abe nesicoco se-WBF juniour featherweight uGabisile Tshabalala odume ngelika-Simple the best uzobhekana noSimwaka.

UTshabalala wabekelwa indondo enkulu ngemuva kokuba ahlule umakadebona owumpetha kwisibhakela nowayengumphathi we-WBF juniour bantamweight u-Unathi Myekeni owaziwa ngelika-Showtime ngowezi-2015.

USimwaka owayephethe i-WBF Intercontinental bantamweight wagcina ukubonakala enkundleni yesibhakela ngonyaka odlule ngoMfumfu ngenkathi ehlula uMelissa Miller owaziwa ngelikaHoney Bee kumjikelezo amahlandlana amathathu eGoli.

Kwisitatimente esikhishwe i-GBPA ithe bebeqonde ukwenza umqhudelwano wabantu besifazane bodwa, kodwa ngokuthi bayashoda baphoqelekile ukuba bafake abantu besilisa ababili abazodlala amahlandlana amane ukuze kusize ukuhlangabezana nenani elibekiwe lemijikelezo ngokwemithetho yaseNingizimu Afrika yesibhakela.

Umqhudelwano uzodlala kumabonakude ku-SABC 2 ngo-2pm.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva