Isihlabani sebhola sisolwa ngokuphinga

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Unkosikazi kalowo owayeyisihlabani seBafana Bafana uMatthew Booth ungene ku-Instagram edalula izindaba mayelana nokungathembeki komyeni wakhe.

USonia Booth udalule ngoMsombuluko ukuthi waqasha umphenyi ozimele ukuze athole ukuthi umyeni wakhe wenzani uma engamboni.

Imiphumela ibishaqisa kakhulu.

Lo mdlali owake wadlala emuva kuMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi ubejola noBongani Moller oyinxusa le-Virgin Active esebenzisana noBooth emikhankasweni wokuziqeqesha.

Ngokusho kukaSonia, umphenyi wakhe uthole amarisidi ezindawo obekuhamba kuzo uMatthew noBongani kanye nezimbali okuthiwa wayemthengele zona.

USonia ubhale ukuthi emasontweni amabili edlule umyeni wakhe ubhake ikhekhe likashizi walifaka efrijini.”

Njengoba bekuzoba usuku lokuzalwa lwendodana yabo uNate “abafana bebejabule”. Kodwa ngesikhathi sekushaye usuku olukhulu uMatthew akazange alilethe ikhekhe likashizi futhi inhliziyo kaSonia yacwila emafutheni ngesikhathi ebona ukuthi wenzele isithandwa sakhe ikhekhe.

“UMatthewu wabhaka ebusuku sengilele ubuthongo. Ekuseni sonke sajabula siconsa amathe phezu kwekhekhe likashizi sicabanga ukuthi lizokhishwa ngosuku lokuzalwa lukaNate. Cabanga ukushaqeka kwethu nokumangala kwethu selinyamalala, ikhekhe lonke kungekho ngisho nokunambitha noma izingcezu ezincane kimi nomfana wami.”

USonia ube esesho nokuthi ukhulume nomyeni kaMoller wathi, “Umyeni wakho uthe uyalithanda ikhekhe likashizi wenze kahle wahlangana noMatthew ngoba uyakwazi ukwenza ikhekhe ngiyathemba ukuthi kukho konke kulokhu ugculisekile.”

Uthe umphenyi wakhe ozimele ulandele uMatthew noBongani e-Polokwane, eMgungundlovu naseMhlanga.

Yize uSonia ebafake bobabili uBongani nomyeni wakhe abakaphenduli emibhalweni yakhe.

Isithombe esingenhla: Isithombe sikaSonia Booth okhala nokungathembeki komyeni wakhe uMatthew Booth

Umthombo wesithombe: @SoniaBooth

Izihloko zakamuva