Isigameko sokutapa eDiepkloof izakhamizi zibhikishela izidingo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kube nesiminyaminya emgwaqeni ngesikhathi ababhikishi bevala umgwaqo u-N1 ngase-Diepkloof, e-Soweto ngoLwesithathu ekuseni.

Umbhikisho wokulelwa ukuhlinzekwa ngezidingongqangi njengoba kwenzeka ezikhathini eziningi uphele ngesigameko sokutapa.

Abashayeli ibona abazithole besenkingeni enkulu. Elinye lamaloli lishiswe laba umlotha.

Ababhikishi abazange bantshontshe ukudla kuphela, kodwa baze bantshontsha kwiloli ebelithwele iziqhumane!

Kodwa isenzo samaphoyisa esisheshayo siholele ekubuyiselweni kwempahla entshontshiwe kanye nokuboshwa kwabantu abambalwa ababandakanyeka kulesi senzo sokuntshontsha.

Abahlali basehostela e-Diepkloof e-Soweto bangenele umbhikisho wokulethwa kwezidingo kubantu ngemuva kokunqanyulwa kukagesi endaweni yabo.

Ababhikishi bavale umgwaqo ophithizelayo u-N1 noChris Hani  ezintatha.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo uthe ababhikishi bamise amaloli amabili abegcwele ukudla beziqhumane ngaphambi kokuba baphindele ehostela.

“Amalungu e-SAPS kanye noPhiko lamaPhoyisa kaMasipala waseGoli, amaphoyisa abhekelele uthuthuva emphakathini, uphiko lwe-National Intervention, i-Tactical Response Team, i-K-9, i-Local Criminal Record Centre, i-Bomb-Disposal, i-District Visible Policing kanye no-Airwing baphendule ngokushesha ukuze bathole izimpahla ezintshontshiwe, ikakhulukazi iziqhumane ngenxa yengozi ebibeka izakhamuzi engcupheni, ” kusho uMasondo.

Uthe lezi zikhulu zenze uphenyo ehostela ngosizo lwezinduna noma abaholi bomphakathi nokuholele ekutholakaleni kwezimpahla eziningi ebezintshontshiwe okubalwa amaqanda neziqhumane.

UMasondo uthe uKhomishana wesiFundazwe sase-Gauteng, uLieutenant General Elias Mawela uzincomile izinhlaka zomthetho eziphendule ngokushesha ukuze kutholakale iziqhumane.

“Ukhomishana wesifundazwe ubujabulele ubudlelwano bokusebenzisana ne-SAPS esaqhubeka nokusebenza nezinduna kanye nazo zonke izinhlaka zomphakathi ekulweni nobugebengu.”

Uthe amaphoyisa avule icala lokudala udlame emphakathini, kodwa bekungakaboshwa muntu.

Noma ngubani onolwazi ngobugebengu kanye nezenzo zobugebengu uyanxuswa ukuba athinte inombolo ye-Crime Stop 08600 10111 noma athumele ama-top-offs ku-MySAPS Application.

Izihloko zakamuva