Isichotho sezinhlamvu sichitha umkhuleko womndeni wonyaka omusha

Umkhuleko womndeni uphazanyiswe yimvula yezinhlamvu e-Motherwell NU 5 e-Port Elizabeth ngesikhathi izinsizwa ezimbili zidutshulwa esitaladini sazo. 

UNontuthuzelo Sawa utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “imizuzu eyishumi nanhlanu ngaphambi kokubungaza unyaka omusha sijwayele ukuhlangana sibonge uNkulunkulu ukusinika ithuba lokungena onyakeni omusha. 

“Kodwa sithe sisalungiselela ukuqala umkhuleko, sivuka sibiza abaphandle ukuthi bangene endlini sizwe ukuqhuma kwesibhamu okumbalwa sacabanga ukuthi ngamakhilikhithi.

“UNontuthuzelo uthi” umshana wakhe ungene endlini egijima wathi amadoda amabili alele emgwaqeni. Omakhelwane base bevele bememeza befuna usizo. Siphinde sagijimela ngaphandle sathola abanye omakhelwane beseduze kwezidumbu zalezi zinsizwa ezingezona ezangakithi.

“Omunye ubesevele eshonile. Kodwa owesibili ubesaphefumula. Ngemuva kwemizuzu embalwa naye washona,” uyasho.

 UNontuthuzelo uthi umndeni uhlukumezekile.

“Akekho owaziyo ukuthi kungani lezi zinsizwa zidutshulwe,” uyasho.

UKaputeni uGerda Swart uthe: “Amaphoyisa athola isikhalazo ngomhla wokuqala kuMasingana ngabo-00: 10 ngezidumbu ezimbili ezazilele ku-Mdundu Street. Bobabili abesilisa, abaneminyaka engama-23 ubudala, babenamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni. Bobabili bamenyezelwe njengabashonile endaweni yesigameko. 

“Bahlonzwa njengoPhumlani Magenuka noSithembiso Gwenta. Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa. Akukaboshwa muntu okwamanje.”

Izihloko zakamuva