Ishisa izikhotha ingoma kaDBN Gogo entsha

Sizwe Sibiya

Uma ubufuna ingoma elandelayo enkulu kusukela uZakes Bantwini noKasango bakhipha i-Osama, ungabe usabheka kwenye ndawo njengoba  uDBN Gogo ekhiphe ingoma ezoshisa izikhotha ezoqinisekisa ukuthi wonke umuntu akawuvali umlomo ngayo – esihloko esithi bells.

I-“Bells” ihlanganisa uTNK MusiQ, uDJ Stopper no-Eltonk SA.

Selokhu ikhishiwe ngomhlaka-3 kuNdasa, ibikhuphuka njalo futhi kubukeka sengathi ngeke ime ize ifinyelele esicongweni.

Njengomculo opholile we-deep-house oshisa izikhotha, i-bells” njengamanje isendaweni yesibili ku-i-Tunes kanye ne-YouTube njengevidiyo ehamba phambili namanye amavidiyo adumile kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi, isibukwe  abantu cishe abangaphezu kuka-200,000 ngesonto labo lokuqala.

Manje okume endleleni kaDBN gogo ukuthi afinyelele kuleyo ndawo ephezulu okuhleli kuyo uRiky Rick ongasekho.

Ingoma eshisa izikhotha ethi, “Sondela”, kaVenom noShishiliza okuyingoma yokugcina uRicky acula kuyo, ingeyokuqala ku-iTunes.

Ku-YouTube, ingoma yokuhlonipha uRiky Rick enesihloko esithi “Lala Ngoxolo” (Rest in Peace) isabambe indawo ephezulu njengoba isibukwe abantu abangu-1.1 million. Ingoma ididiyelwe ngaphansi kwe-Inkabi Records kaBig Zulu, uMduduzi Ncube noSiya Ntuli ngemuva kosuku uRiky Rick eshone ngokukhulu ukuzuma ngomhlaka-23 kuNhlolanja.

Umthombo wevidiyo: YouTube.

Izihloko zakamuva