ISEXWAYISO! UNGAGCOBISI IZINWELE ZAKHO NGE-GORILLA GLUE

Kamogelo Muvhenzhe

Ngenkathi uTessica Brown ephelelwa yisigcobo sezinwele wasebenzisa lokho ayecabanga ukuthi kuyinto elandelayo encono kakhulu.

I-Gorilla glue.

Manje izinwele zakhe zibambeke endaweni eyodwa ekhanda isikhathi esingaphezu kwenyanga – futhi udinga ukwelashwa.

Isinamathelisi esingazwani namanzi esisetshenziselwa ukuhlanganisa amathayela aphansi nokhuni kuthiwa sihlala njalo.

UBrown, wase-Louisiana eMelika, ufake ividiyo ku-Tiktok ethi ugeze izinwele zakhe amahlandla ayi-15 ngale kokubanenhlanhla yokuyisusa le-gorilla glue.

“Izinwele zami, azinyakazi. Uyakuzwa engikutshela khona? Azinyakazi,” esho kule vidiyo.

Kwesinye seziqeshana ubonakala egcoba ikhanda lakhe nge-shampoo, kodwa akwenzi mehluko kunhlaka zimuka nomoya ngale-glue enamathele ezinweleni zakhe.

I-TMZ ibika ukuthi isibhedlela samnikeza into yokususa upholishi wezinzipho, i-saline water kanye nama-wipes ukususa i-glue. Kepha ngisho lezo zinto zibonakale  zingenamsebenzi futhi zabangela umuzwa wokushisa ekhanda lakhe.

Ngaphandle kokunikeza isisombululo sangunaphakade, inkampani yokufafaza i-Gorilla Glue yamthinta ku-Twitter yathi: “Sawubona, siyaxolisa ukuzwa ngokukwehlele!

“Asikukhuthazi ukusebenzisa imikhiqizo yethu ezinweleni njengoba i-glue ihlala unomphela,” kufundeka umyalezo ongasizi ngalutho.

“Ungazama ukufaka indawo ethintekile emanzini afudumele, anensipho noma ukufake okugcotshwayo kotshwala kule ndawo,” obekubukeka kukuncane njengoba ubesevele eyofuna usizo lwezempilo.

UBrown uthole imibono eminingi, eminye banozwela, kanti eminye idelela kabi!

Izihloko zakamuva