Isenzo seqembu le-Pirate sibe ihlazo kakhulu

Menzi Magubane

Isenzo seqembu le-Pirates sokunqabela umqeqeshi we-Bafana Bafana uHugo Bross ukuba angene enkundleni yase-Orlando ukuba abuke umdlalo phakathi kweqembu le-Sundown lidlala ne-Pirate kube yihlazo elikhulu.

I-Premier Soccer League (i-PSL) izibeke icala yaxolisa kwi-SAFA ngalokhu okwenzeke ngoMgqibelo.

“Siyazisola ngesenzo sethu ngokwenzekile,” kusho i-PSL kwisitatimende ngoMsombuluko ntambama baphinde baxolisa kumbutho webhola laseNingizimu Afrika.

“I-PSL iluphenyile lolu daba bathola ukuthi ukudideka kube yiphutha labo ngokuhluleka ukwazisa abaphathi beqembu ngokuthi kuzofika umqeqeshi we-Bafana Bafana ngokusemthethweni.”

Siyancomeka isenzo esenziwe i-PSL ngokuzibeka icala baphinde baxolisa ngalokho, kodwa ukuziphatha kweqembu le-Pirate kuyadumaza.

Bahlulwe yini ukudlulisa lolu daba bavumele uBross angene enkundleni?

Okubhlungu kunakho konke ukuthi! Ubesefikile enkundleni. Siyasazi sonke isimo nemigomo ye-Covid-19, kodwa ukuvumela umuntu oyedwa enkundleni elayisha abantu abayi-40, 000 bekungeke kubange izinkinga.

Iqembu le-Pirate bekumele lisebenzise umqondo, kodwa kunalokho banqabela uBroos ukuba angene noma ngabe bekuthiwa akanawo amaphepha okungena – kodwa kulokhu ubewaphethe.

Umqeqeshi we-Bafana Bafana ubeze enkundleni ngezizathu zomsebenzi, kodwa ngenxa ye-Pirate ebingatshelwanga iligi ukuthi uyeza bamvalele ngaphandle.

Kuyihlazo okwenziwe i-Pirate! Ihlazo elikhulu futhi!

NgoMgqibelo ozayo iqembu le-Bafana Bafana lizoba nomdlalo onzima kakhulu njengoba lizodlala ne-Ethiopa bengekho ezweni labo ingakho uBross ubefisa ukubuka umdlalo we-Pirate idlala ne-Sundowns, kodwa-ke ihlazo elenziwe iqembu le-Pirate limvimbele ukuba athole lelo thuba.

Asithembe ukuthi iqembu le-Bafana Bafana lizokwenza isizwe siziqhenye ngabo futhi babuye namaphoyinti ukuze bazozakhela indlela yokuba phezulu ku-group G kulaba abazongenela indebe yomhlaba ye-FIFA.

Umthombo wesithombe:@Safa.net

Izihloko zakamuva