IScrolla sisize ekukhuliseni ibhizinisi lowaseNgcobo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngesikhathi indaba kaYakheka Lisa ekhuthazayo ishicilelwa i-Scrolla.Africa maphakathi noNhlaba ubengazi ukuthi izothuthukisa ibhizinisi lakhe.

ULisa wasedolobheni elincane iNgcobo, e-Eastern Cape waqala umkhankaso wokucola izinwele zabesifazane ebiza u-R15 nje kuphela ukwenza lokho. Kodwa-ke, akazange ayilindele impendulo emangalisayo.

“Ngiye ngasabalala kakhulu ngemuva kokushicilelwa kodaba lwami futhi ngithole amakhasimende amaningi. Ngizosibonga ingunaphakade i-Scrolla.Africa ngokwabelana ngodaba lwami ngoba lube nomthelela ekutholeni amakhasimende amasha,” kusho uLisa.

Ukwanda kwesidingo samakhasimende kuvumele uLisa ukuthi aqale ibhizinisini elisha osekuphele isikhathi eside lisemqondweni wakhe.

“Ngangihlezi nginentshisekelo yokudayisa imikhiqizo yakwa-Phythomed kodwa ngangingenayo imali edingekayo kodwa-ke, ngenxa yokuba namakhasimende amaningi ngigcine ngikwazile ukonga imali ngaqala ibhizinisini lami lesibili,” kwengeza uLisa.

Ngesizinda samasu ezinkundleni zokuxhumana uLisa uye wabona impumelelo yebhizinisi lakhe lokugcola izinwele wase ebona isidingo kwabesifazane ababentula umuntu ozogcola izinwele zabo.

Ubuhlakani bakhe bebhizinisi obuhlangene nodumo alutholile kwakhe isivunguvungu esiphelele sokuchuma. Ngaphezu kwalokho ukusebenza kanzima nokuzinikela kukaLisa kuye kwaqashelwa.

“Ngiqokwe emkhakheni we-Best Hustler/Influencer nokuyinto eyisimanga. Kuyakhombisa ukuthi abantu bayawubona futhi bayawuthakasela umsebenzi engiwenzayo.”

I-South Art and Media Awards ihlela lezi zindondo ezihlonishwayo futhi uLisa uvumile ukuthi ubengakaze akucabange ukuqokwa kwakhe ingasaphathwa eyokucela abantu ukuthi bamvotele.

“Ngingathanda ukuwina kodwa ukuqokwa nje kuphela kuyimpumelelo enkulu futhi lokho angikuthathi kalula.”

Ukuvotela uYakheka Lisa abantu abanentshisekelo bangathumela i-SMS enombhalo othi “Mama 2398” kwinombolo ethi-40439.

Ukuvota kuqale ngomhlaka-25 kule nyanga kanti kuzovulwa kuze kube ngomhlaka-31 kuNcwaba.

Omunye wabalandeli bakaLisa wokuqina uZanele Sofute uncome umoya wakhe kwezamabhizinisi. “Ngiyabathanda abantu abenza izinto ezisemthethweni ukuze bazithuthukise kanti ngiyameseke uYakheka ngoba akazange alinde ukuthi uhulumeni adale amathuba omsebenzi futhi ngizoqhubeka nokumeseka,” kusho uSofute.

Esithombeni esingenhla: UYakheka Lisa ongusomabhizinisi waseNgcobo e-Eastern Cape oqokwe endondweni ye-Best Hustler/Influencer ku-Mzansi Art and Media Awards.  

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe.

Izihloko zakamuva