Isazoqhubeka “nokuhuqa ubuthongo” iMeya ngenxa yokuhlehla komhlangano wokuyixosha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

IMeya ye-IFP kumasipala waseNdumeni, uMnuz Siyabonga Ndlovu obhekene nevoti lokungathenjwa ngoba esolwa ngokuhuqa ubuthongo ngesikhathi kunemihlangano yomkhandlu akakakhishwa esikhundleni .

Lokhu kuza ngemuva kokuhlehliswa komhlangano womkhandlu obekumele ube ngesonto eledlule.

Kulowo mhlangano bekufanele umkhandlu uvotele ukuthi kukhishwe uNdlovu osolwa ngokuhuqa ubuthongo ngesikhathi kunemihlangano esemthethweni.

IDemocratic Alliance ifake lesi siphakamiso yaphinde yathi uNdlovu udle imali kamasipala engaphezu kuka-R400 000 ngophethiloli ngenyanga edlule.

UMnuz Lucky Khumalo, onguNobhala we-ANC esifundeni INkosi Bambatha, uthe: “Umhlangano womkhandlu ubungakabizwa, sitshelwe ukuthi ungase ube ekupheleni kwale nyanga.

I-ANC iphinde yafaka isicelo sokungamethembi uSomlomo woMkhandlu, uMnuz Andile Nsibande, abamsola ngokubambezela umhlangano womkhandlu ukuze kuvikelwe imeya.

Ngaphambilini uNsibande ukuphikile lokhu, kodwa akazange atholakale ukuthi aphawule ngomhlangano womkhandlu obekumele ube ngesonto eledlule noma ngevoti lokungathenjwa kweMeya.

Imithombo yaseNdumeni ithi lesi siphakamiso senzelwe ukuvala uNdlovu umlomo mayelana nesinqumo sakhe sokuphenya ngezinkinga ezahlukene kulo masipala.

Esithombeni esingenhla: IMeya yaseNdumeni, uMnuz Siyabonga Ndlovu, iphephile okwamanje evotini lokungathenjwa ngezinsolo zokuthi uyalala emihlanganweni yomkhandlu.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva