Iqhude ebeliphethe ummese libulala umnikazi walo

Arthur Greene

Iqhude, ebelifakwe ummese ngaphambi kwempi engekho emthethweni yamaqhude, ligwaze umnikazi walo amanxeba abulalayo.

UThangulla Satish ushone ngenxa yokulahlekelwa igazi eliningi ngaphambi kokuya esibhedlela. Izithombe zeqhude eliboshwe esiteshini samaphoyisa sivele sasabalala ezinkundleni zokuxhumana. Kamuva iqhude lahanjiswa epulazini lasendaweni eliseningizimu neNdiya e-Lothunur.

Lesi sigameko esibe sematheni emhlabeni jikelele, sesiqubule ukuthungathwa kwabagqugquzeli bempi yamaqhude.

Iphoyisa lendawo uB Jeevan uthe: “Sifuna abanye abantu abayi-15 abathintekayo ekuhleleni le mpi engekho emthethweni. Bangase babhekane namacala okubulala, ukubheja ngokungemthetho nokusingatha impi yamaqhude. ”

UJeevan uthe iqhude lizogcinwa liphephile okwamanje.” Kungase kudingeke ukuthi sililethe ngaphambi kwenkantolo,” uyasho.

Naphezu kokuvalwa kwalempi eNdiya kusukela ngowezi-1960, lo mdlalo ononya usavamile ezindaweni zasemakhaya zase-Telangana, e-Andhra Pradesh, e-Karnataka nase-Odisha – ikakhulukazi ezindaweni ezizungeze umkhosi wama-Hindu wase-Sankranti.

Imimmese enobude  obufinyelela ku-8cm iboshelwa ezihlavini zeqhude ngaphambi kokuba liphowwe ukusika elinye iqhude lize life ngenkathi abanye bebhejela eqhude elizonqoba.

Izinkulungwane zamaqhude zibulawa minyaka yonke kulezi zimpi.

Umthombo wesithombe: @timesofindia

Izihloko zakamuva