Iqembu lendawo libe inhlekisa kumjikelezo wokuqala we-CAF

Menzi Magubane

Ukuqala komcintiswano we-CAF kulethe injabulo kanye nokuhlambalazeka ngaphakathi kumina. Ake ngichaze ukuthi ngobani.

Okungenze ngajabula kakhulu ukucabanga ukuthi kungenzeka kube khona elinye iqembu laseNingizimu Afrika elingafika kowamanqamu njengeqembu le-Kaizer Chiefs emkhankasweni wokugcina. 

Ngempelasonto AmaZulu kanye neMarumo Gallants badlale umdlalo womkhankaso wezwe lokuqala – okubuhlungu nje ukuthi amaqembu womabili awawinanga emlenzeni wokuqala.

Basanalo ithuba lokuzikhuphula kumdlalo wabo wesibili ozoba kulempelasonto – kodwa akusikhona lokho okungenze ngashawa amahloni.

Okungenze ngaphoxeka futhi ngahlambalazeka ingakaqali le midlalo emibili, ukuziphatha njengemfundamakhwela nokuzilungiselela kohlangothi lwase-Limpopo.

Uya kanjani ezweni lase-Equatorial Guinea nabadlali abayi-12?

Incazelo yabo ithi abanye abadlali bebengenayo incwadi ebagunyaza ukuphuma ezweni labo kantu abanye abakwazanga ukubhalisela ithonamenti ngesikhathi!

Ngempela?

Bebenezinyanga eziphelele ezintathu ukulungisa amaphepha afanelekile nemininingwane. Ngaphambi kokuba bashintshe igama bathi ama-Morumo Gallants, bafika ne-Tshakhuma Tsha Madzivhandila kanye nabo bonke abadlali babo.

I-Tshakhuma yabenzela umusa omkhulu ngokubawinisa indebe ye-Nedbank ngoNhlaba, njengoba lokho kwabasiza bakwazi ukungena kwindebe ye-Confederation. Inyanga yangoNhlaba kudala yadlula futhi kuningi osekwenzekile, njengokushintsha igama ngoNhlangulana.

Noma kunjalo, bazama ukusitshela ukuthi akekho owalungiselela iqembu njengoba lalizodlala amathonamenti ayengabenza bathathe isizwe sase-Afrika basibeke phezulu?

Ngiyazi ukuthi iqembu baqala ukulibheka kahle ngenyanga edlule, njengeqembu elinochwepheshe ngemuva kokuvela kwe-Tshakhuma, kodwa bekumele ngabe benze kangcono.

Ekugcineni, iqembu le-Gallants lahlulwa ngo 2-1 bedlala ne-Futuro Kings FC. Ekubeni imiphumela isho lukhulu ngendlela ibhola elidlalwa ngayo e-Equatorial Guinea, iqembu le-Gallantas kumele bakubuke lokhu njengenhlanhla njengoba behlulwe ngomugqa omncane, njengoba kade benomdlali oyedwa obengashintsha abanye.

Uma kuza ngakwiqembu le-Gallants, abazange bangiphoxe kuphela, kodwa baphinde bahlambalaza iNingizimu Afrika njengoba bebedlala ngathi izimfundamakhwela.

Umthombo wesithombe: @_MarumoGallants

Izihloko zakamuva