Iqembu le-DA selithembele kumuntu oyedwa ukuze linqobe iNkandla

Celani Sikhakhane

Emuva kweminyaka behluleka ukunqoba iNkandla, abaholi be-Democratic Alliance (i-DA) KwaZulu-Natali sebethathe unyawo lokugembula ngokuqoka oyedwa ozongenela ukhetho kuwo wonke amawadi ayi-14 kulo masipala.

Ngokusho komholi we-DA esifundazweni, uMnumzane Francois Rodgers, banqume lokhu ngemuva kokubona ukuthi angeke kube lula ukunqoba isizinda se-IFP nomuzi wowayenguMengameli wezwe uMnumzane uJacob Zuma.

Ngonyaka wezi-2016, i-DA yazama ukuqinisa imikhankaso yayo eNkandla isebenzisa icala lenkohlakalo lemali eyizigidi ezi-250 zamarandi elimayelana nokulungiswa komuzi kaZuma, kodwa yehluleka.

Lo mkhankaso ubuholwa ngowayeyilungu labo ephalamende uLindiwe Mazibuko kanye noSihlalo we-FedEx uHelen Zille.

Kulokhu sebebeke lonke ithemba kulowo ongenele ukhetho, uMalibongwe Dubazane, ukuthi asebenzise udumo lwakhe kule ndawo ukuzongenela izigceme eziyi-14.

URodgers utshele i-Srolla.Africa ngoLwesihlanu ukuthi bakholelwa ukuthi iqhinga labo lizobasebenzela ukuthi bawine izihlalo ezithile ze-PR bakhulise nesibalo sabo eNkandla.

INkandla isiphenduke enye yezindawo ezinzima KwaZulu-Natali ukuthi amaqembu amaningi ezepolitiki ayingenele.

Le ndawo okuyiyona esemakhaya esifundazweni iphethwe i-IFP kusukela ngonyaka wezi-1994.

Ngisho isilomo sowayenguMengameli uZuma sehlulekile ukuthola ukwesekwa kwe-ANC kulesi sifunda.

I-EFF iphinde yazama ukujabulisa abantu bakule ndawo ngokwakhela omunye womakhelwane bakaZuma umuzi, kodwa ayizange ithole amavoti amaningi.

I-ANC ikwazile ukunqoba lo masipala ibambisene ne-NFP, kodwa lokho kudonse izinyanga ezimbalwa ngenkathi imeya yawo uNkosikazi uZandile Mncadi Mpanza ekhishwa ngevoti lukungathenjwa nokwenze ukuthi i-IFP ibuye. 

Izihloko zakamuva