
Lucky Sithole
Iqembu laseNingizimu Afrika labesifazane bekhilikithi alikaze linqobe i-New Zealand eNdebeni yoMhlaba.
Kodwa namuhla ekuseni konke lokho kushintshile ngesikhathi ama-Proteas enqoba ngamabhola amathathu.
Njengoba kusele ama-overs amabili kuma-innings aseNingizimu Afrika, i-New Zealand ibonakale iwuphethe umdlalo.
Njengoba i-South Africa isivele inamawikhethi ayisishiyagalombili, kumele baqinise abashaya ibhola kuma-Proteas ukuze bezonqoba. Kodwa ukuba noMarizanne Kapp kwenze isimo saba nzima kakhulu.
Ushaye amagoli amane, wadlala kahle ibhola enkundleni, waba nesibindi, wakhombisa nekhono elihle kakhulu – ukwenzile ebekumele akwenze.
Njengoba sekusele amabhola amahlanu, iNingizimu Afrika idinga ama-runs amabili nje kuphela. Bese uKapp eshaye i-run eyodwa, Okusho ukuthi u-Ayabonga Khaka kufanele ashaye i-run ezobawinisa. Ayikho inkinga. Esholo phansi ebhekene ne-bowling, uKhaka ushaye i-run ngendlela elula kakhulu.
Uma ufuna ukwazi ukuthi iyini ngempela i-Big Match Temperament, ungabheki kude bheka eqenjini lekhilikithi laseNingizimu Afrika leNdebe yoMhlaba yabesifazane. Uzokuthola okufunayo.
Umthombo wesithombe: @OfficialCSA