Iphoyisa libulale unkosikazi lazidubula nalo kubangwa isehlukaniso

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iphoyisa eliyilungu lombutho wamaphoyisa kaMasipala weTheku ngaphansi kophiko lweVIP lidubule unkosikazi walo ngaphambi kokuba libhekise umbobho wesibhamu kulona lizidubule nalo, bafa bobabili.

Kuthiwa lesigigaba singenxa yengxabano eqale ngemuva kokuthi unkosikazi efake isehlukaniso.

Imininingwane etholwe ngabakwa-Scrolla.Africa ikhombisa ukuthi ingxabano yasekhaya iqale phakathi kwalaba bobababili emzini wabo ose-Illovo eningizimu yeTheku.

Iphoyisa libe selidubula unkosikazi washona. Ngesikhathi indodana yabo izama ukulamula idubuleke esandleni ngephutha, kodwa yasinda.

Iphoyisa libe selizidubula lona lashonela endaweni yesigameko.

Kuyaqondakala ukuthi konke lokhu kudalwe ngamaphepha esehlukaniso abefakwe ngunkosikazi wakhe.

Akukacaci ukuthi kungani inkosikazi ibifuna ukuqeda umshado wabo.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala, uMnuz Boysie Zungu usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa akwa-SAPS aseluqalile uphenyo lwawo.

“Engakuqinisekisa ukuthi isigameko senzeke ngempela,” kusho uZungu.

Amagama abashonile ayaziwa kodwa azogodlwa kuze kube kwaziswa umndeni.

Isithombe esingenhla: Indawo yobugebengu.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva