Inyuke kakhulu intengo yesinkwa

Kamogelo Olaitan

Abathengi baseNingizimu Afrika kuzo zonke izinhlaka zezomnotho sebeyasonga isinkwa njengoba amanani elokhu ekhuphuka.

NgoMasingana kulo nyaka, isinkwa esimhlophe besingu-R14.59 kanti manje sesingu-R18.29 – okusho ukuthi sinyuke ngo-R3.70.

Lokhu kwenzeka njengoba abakhiqizi bokudla emhlabeni wonke belwa nokwehla kwamandla emali okubangelwa ikakhulukazi ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine. Impi isiyenze ukuthi amanani kakolweni akhuphuke kakhulu.

Ukwenyuka kwentengo kuqinisekiswe i-Tiger Brands ngesikhathi ibika imiphumela yabo yezimali yezinyanga eziyisithupha ekupheleni kukaMbasa.

Ethula imiphumela, isikhulu esibhekele ukukhula kwenkampani i-Tiger Brands, uYokesh Maharaj, uthe izinto ezifana nokolweni zibhekene nokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwezidingongqangi ngenxa yempi ye-Russia.

“Abathengi abaningi abadala izambane likapondo nalabo abadla imbuya ngothi badla izingcezu zesinkwa esincane. Isigaba sesinkwa sesisonke, ukuthi esikubonile eminyakeni emithathu edlule ukukhula nokwehla okungenani ngo-5% ngonyaka odlule, emazingeni amaningi e-LSM,” kusho uMarah.

Wengeze ngokuthi abathengi abanemali abasasithengi kakhulu isinkwa, belandelwe ngabathengi abangenayo imali, ngokwesilinganiso semali engenayo.

Le nkampani ithe inyuse amanani entengo yeminye imikhiqizo yayo onyakeni wayo odlule wezimali njengoba kunengcindezi yezindleko ebhizinisini. Lokhu, kuhambisana nokukhuphuka kwentengo yempahla, osekuholele ekutheni abathengi bengabe besathenga isinkwa.

Izihloko zakamuva