Inxusa lakuleli litakule ababaleka e-Ukraine

Celani Sikhakhane

Oyinxusa laseNingizimu Afrika e-Poland ushayele imoto amahora amahlanu eyosiza ithimba labafundi base-Afrika ukuze bakwazi ukubaleka e-Ukraine.

NgeSonto, uClayson Monyela woMnyango Wezobudlelwane Bamazwe Ngamazwe kanye Nokubambisana ubhale ku-twitter ukuthi uNomvula Mngomezulu uye endaweni eqhelile yomngcele we-Ukraine ne-Poland ukuze asize abantu base-Afrika abatshelwe ukuthi ngeke bekwazi ukuphuma kuleliyazwe.

“Abafundi baseNingizimu Afrika nabanye abadabuka e-Afrika baphathwe kabi emngceleni wase-Ukraine nase-Poland. Inxusa uMngomezulu ushayele imoto amahora amahlanu esuka e-Warsaw ukuze abhekane nalolu daba,” kusho uMonyela.

Uthe iNxusa laseNingizimu Afrika e-Hungary, uGangumzi Tsengiwe, naye usebenze ubusuku nemini ukusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuba babaleke ezweni elisempumalanga ye-Europe, elihlaselwe i-Russia ngoLwesine oledlule.

Okhulumela i-Dirco uLunga Ngqengelele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika uqale ukusiza abantu baseNingizimu Afrika abavela kwamanye amazwe ukuba babaleke kuleli sonto eledlule, kodwa uthe bahlangabezane nezinkinga eziningi endleleni.

“Siqale ukukhipha izakhamizi zethu kusasele isonto ukuthi amasosha ase-Russia ahlasele i-Ukraine. Ngebhadi izikhumulo zezindiza bese zivaliwe. Yingakho sithathe isinqumo sokukhipha  abantu bethu okuhlanganisa nabanye abantu base-Afrika sibayise emazweni angomakhelwane ukuze baphephe,” kusho uNgqengelele.

“Uma sibayisa emazweni angomakhelwane, isinqumo kusuke kungesabo ukuthi bafuna ukuhlala khona lapho noma benze amanye amalungiselelo okubuyela ekhaya,” engeza.

Uphinde wanxusa abantu baseNingizimu Afrika abasabhajwe e-Ukraine ukuthi baxhumane nehhovisi leNxusa laseNingizimu Afrika ukuze bathole usizo ngokushesha.

UNgqengelele uphinde wadalula ukuthi ngoLwesihlanu iqembu labafundi baseNingizimu Afrika baye bavinjelwa ukungena esitimeleni esiphumela ngaphandle kwezwe njengoba betshelwe ukuthi ngeke bekwazi ukwenza lokho ngoba bangabantu abaphuma emazweni angaphandle.

Kusukela ngoLwesihlanu, abantu baseNingizimu Afrika belulekwe ukuthi basebenzise ezinye izinto zokuhamba uma besuka e-Ukraine baphinde baye eHhovisi leNxusa laseNingizimu Afrika ukuze u-Anne Groenewald oyinxusa laseNingizimu Afrika e-Ukraine abasize.

Izihloko zakamuva