Intukuthelo ngesinqumo sakwaPrasa sokuvala izintshumayelo ezitimeleni

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Esikhathini esedlule uma umuntu ehla esitimeleni ubekwazi ukuthenga izithelo nezitshalo, ukugembula aphinde alalele izwe lenkosi.

Kodwa inkampani obhekelele ukusebenza kwezitimela, i-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) ikumisile konke lokhu.

Le nkampani noMnyango wezokuThutha basanda kwethula izitimela ezintsha ngohlelo lokuvuselela izitimela ezicishe zaphela ngenxa yokucekelwa phansi kwempahla, ukushiswa kwempahla kanye nokwebiwa  kwamakhebuli.

Ukushumayela, ukugembula kanye nokuhweba akusavunyelwe kulezi zitimela.

Ukuhlukumeza abasebenzi bakwa-Prasa nokudlala emaphasejini noma ukubavimba nakho sekuwumlando.

Abaningi bacasukile futhi amakholwa nabefundisi bathukuthele bayaveva.

Yize abanye bethi bazothandaza kuNkulunkulu ukuthi aguqule izinhliziyo zeziphathimandla, abanye bathi bazoyishaya indiva le mithetho emisha.

UMfundisi uMalesela Ledwaba we-Bus and Train Ministries uthe i-Prasa ayiqondi kahle izinto ezibalulekile ngayo.

“Yimuphi umonakalo esiwenzayo ngokusabalalisa izwi likaNkulunkulu? Esikhundleni sokuqinisekisa ukuthi izitimela zifika ngesikhathi futhi aziphuki nokuyinto ephazamisa abagibeli, i-Prasa ivala ukusatshalaliswa kwezwi likaNkulunkulu. Sithandazela ukuthi behlelwe yilokho okwehlela uSawuli e-Damaseku,” esho.

Umgibeli uBertha Mtsweni uthe uzoyishaya indiva le mithetho. “Angizukuba ngowokuqala; bake baba khona abafana noShadrach, uMeshach kanye no-Abednego. Ngizohlabelela kakhulu kunakuqala ngoba angesabi lutho futhi ngithembele kuJehova,” esho.

Okhulumela i-Prasa uLillian Mofokeng, uthe izitimela ezintsha zihlukile kunezakudala.

“Abantu bayakwazi ukubona nokuhamba ngokukhululeka kuwo wonke amaphaseji ezitimela ngenxa yendawo evulekile ezitimeleni ezintsha,” esho.

UMofokeng uthe le mithetho ihlose ukubeka phambili ukuphepha kwabagibeli, ulwazi, ukunethezeka kohambo, ukuhlanzeka kanye nokufinyeleleka kuzo zonke izindawo.

“I-Prasa iqale umkhankaso wokufundisa abagibeli ngemithetho emisha. Le misebenzi ikhombisile eminyakeni edlule ukuthi iphazamisa abagibeli abaningi futhi inciphisa ukuhamba ngokukhululeka ngaphakathi esitimeleni,” esho.

Isithombe ngenhla: Abagibeli kanye nabasebenzi bakwa-Prasa 

Umthombo wesithombe: Prasa

Izihloko zakamuva