Intsha ye-IFP isingena ezindaweni zobumnandi ukuyofuna abazogcwalisa iMabhida

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Intsha ye-IFP iwubeke kwelinye izinga umkhankaso wokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida eThekwini njengoba isihambela nezindawo zobumnandi ukunxenxa abavoti.

Lokhu kuvezwe uSihlalo we-IFP Youth Brigade KwaZulu-Natal uMnuz Mncedisi Maphisa ngesikhathi leli qembu linombuthano obuse-Newcastle noqale nge-Gala Dinner.

Uthe lokhu abakwenzayo bakufundiswe uMntwana wakwaPhindangene ukuba bangene kuzona zonke izingxenye okukhona kuzo abantu abasha ukuze bathole amavoti.

“Azikho izindawo esingazihambeli okuhlangana kuzo intsha ngoba yilapho sithola khona amavoti amasha. Ngikhuluma nawe nje sizoya ezindaweni ezahlukene kuleli sonto okuyise-Perera, kwaMax’s Lifestyle nase-Mojos. Siyile emahostela sayodla inhloko sahambela nezingoma,” kusho uMaphisa.

Ngomhlaka-10 kwephezulu i-IFP izobuthana eMabhida ukuzokwethula izethembiso zokhetho.

NgoMgqobelo belibuthene e-Madadeni e-Newcastle ukugqugquzela abantu ukuba bayogcwalisa iMabhida.

Kulo mbuthano bekunandisa uBabes Wodumo, uLvovo, uShwi nabanye.

Leli qembu libhekene nengcindezi yokuba ligcwalise iMabhida njengoba uKhongolose ne-EFF sebeqedile ukuyigcwalisa.

UMaphisa uthe banethemba lokuthi bazoyigcwalisa ngoba kuningi ukwesekwa abakuthola kubantu.

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthe bayakholwa ekutheni bazoyigcwalisa inkundla ngoba abantu babeseka ngendlela eyisimanga.

Izihloko zakamuva