Intsha yaseDiepsloot isilahlekelwe ithemba ku-ANC

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Sezadlula izinsuku lapho abantu bakuleli emalokishini babevotela i-ANC okuyiqembu elibusayo.

Inqwaba yentsha yase-Diepsloot ephila ngaphandle kukagesi kwesinye isikhathi amasonto elandelana, ithi isikhathi lapho abantu babevotela i-ANC ngaphandle kokungabaza noma kokubuza imibuzo sesidlulile.

Intsha eningi okungabafundi bakumatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu e-Diepsloot Combined, itshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeke isasetshenziswa ngosopolitiki abathembisa umhlaba wonke izinto ezithile, kodwa bahluleke nokwenza okukodwa.

Ilokishi lonke belihlezi ezindlini kule nyanga edlule kanti izakhamuzi zifuna kusheshiswe ukulethwa kwezidingongqangi ezifana namanzi nogesi kuphinde kuncishiswe ubugebengu.

Bathi imigwaqo yabo iba inkundla yokubulawa kwabantu njalo ngoLwesihlanu ebusuku, kuba nezimpi phakathi kwabantu bakuleli nabakwamanye amazwe abahleli kulendawo ngokungemthetho.

Njengoba imibhikisho yase-Diepsloot ishuba futhi kuvalwa izikole noma izitolo ezisebenzayo, abantu abasebasha ikakhulukazi abafundi bazibambele mathupha kulezi zibhelu eziqhubekayo.

UThuli Nyembe oneminyaka engu-21 uthe ukubona izakhamuzi zakuleli lokishi zisukumela ukuphepha kwazo kubajabulisile.

“Siphila ngokwesaba kuleli lokishi. Noma yiluphi usuku lungaba usuku lwakho lokugcina njengoba izigebengu zihlezi zinukelwa igazi.

“Asinayo enye indawo ebizwa ngokuthi ikhaya ngaphandle kwase-Diepsloot. Asikwazi ukunikela ngemizi yethu ezigebengwini ngoba asinayo enye indawo esingaya kuyo,” kusho uNyembe.

Uthe uzoba ngowokuqala kulayini wokuvota okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.

“Ngeke ngihlale ekhaya ngilinde ukuthi kukhona ozongenzela izinqumo ebhokisini lokuvota ngekusasa lami. Ngizovota futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngivotela iqembu elizokwenza umehluko empilweni yabantu ikakhulukazi abahlala emalokishini.”

UKehumile Nyambuza ofunda umatikuletsheni uthe ngeke avote.

Isinqumo sakhe simayelana nokulethwa kwezinsiza. “Umsebenzi eMnyangweni kahulumeni awenziwa ngendlela.”

Ubale uMnyango Wezasekhaya njengohamba kancane kakhulu ekulethweni kwezidingo okuhambisana nolayini bakhona abade.

Uthe uselahlekelwe ithemba lokuthi ivoti lakhe lizomqinisekisa ukuthi uzowuthola umsebenzi esikhathini esizayo.

“Angikwazi ukuvotela iqembu lepolitiki futhi ngilindele ukuthi lizongihlinzeka ngemisebenzi. Osopolitiki ababanikezi abantu abampofu imisebenzi. Bafuna amavoti ethu ukuze baphile impilo ewubukhazikhazi, basishiye sihlupheka.

Angikakulungeli ukubeka umuntu esikhundleni ukuze azicebise,” kusho uNyambuza.

Omunye umfundi, uRaphael Molepo uthe kumzwisa ubuhlungu ukuthi unina wathenjiswa umuzi uhulumeni we-ANC selokhu azalwa. Kodwa kuze kube imanje uhlala emjondolo nonina nezinye izingane zakubo. “Umama ubevota yonke le minyaka edlule, kodwa lutho ukuthola usizo.”

Uthe unovalo lokuthi uma abafundi bengena kulo mbhikisho, ilokishi lizongalawuleki kanti namanye amalokishi azolandela.

UKgalo Mashile wesikole samabanga aphezulu e-Diepsloot Number 3, uthe uhulumeni akabenzeli uyehluleka “Isikole sethu asikulungele ukufunda. Siminyene emagunjini kathayela.

“Ukube osopolitiki bebesinakekela ngabe sinezikole ezisezingeni eliphezulu namagumbi okufundela afanele. Kodwa esikubonayo nje izithembiso ngemuva kwezinye izithembiso esingakaze sizibone.”

NgoLwesine, abaholi ababili benhlangano yase-Diepsloot elwa nobugebengu emphakathini baboshwe balala ezitokisini zamaphoyisa. Izakhamuzi zisabise ngemibhikisho eminingi uma laba bobabili bengadedelwa. Inqwaba yababhikishi iqonde esiteshini samaphoyisa ngoLwesine ebusuku ifuna kudedelwe abaholi babo.

Izihloko zakamuva