Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
INkantolo yoMthethosisekelo ithi iPhalamende yephule umthetho ngesikhathi ivotela ukumisa uphenyo lokuqulwa kwecala likaMengameli Cyril Ramaphosa mayelana nokugetshengwa kwePhala Phala.
UChief Justice Mandisa Maya useyalele iPhalamende ukuthi lisungule ikomiti elizophenya ngokuntshontshwa kwemali yakwamanye amazwe.
Umholi we-EFF uJulius Malema utshele abalandeli beqembu ngaphandle kwenkantolo ngoLwesihlanu ukuthi i-ANC ivotele ukuvikela inkohlakalo nobugebengu.
UMengameli uCyril Ramaphosa uzobhekana nekomiti (impeachment). NgoLwesihlanu iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi iPhalamende lephule umthetho ngesikhathi limvikela ehlazweni lasePhala Phala.
UChief Justice Mandisa Maya ukhiphe isinqumo. Uthe ivoti lango-2022 lokumisa lolu hlelo laliphambene nomthethosisekelo. Uyalele iPhalamende ukuthi lishintshe imithetho yalo bese lithumela icala ekomitini elithwesa amacala.
Leli hlazo lithinta ukwebiwa kwezimali zakwamanye amazwe epulazini likaMengameli iPhala Phala ngo-2020. Ithimba elizimele eliholwa yiNhloko yamaJaji eselathatha umhlalaphansi uSandile Ngcobo lithole ukuthi kungenzeka ukuthi uRamaphosa wephule umthetho wazama ukufihla lobu bugebengu.
NgoZibandlela ka-2022, amalungu ePhalamende angu-214 avotela ukwenqaba umbiko wephaneli. Ngaleso sikhathi, i-ANC yasebenzisa iningi layo ukumisa uhlelo lokuqulwa kwecala.
URamaphosa uzame ukumisa icala enkantolo ethi isicelo sithathe isikhathi eside. Inkantolo yazichitha izaba zakhe.
Umholi we-EFF uJulius Malema ukhulume nabalandeli beqembu ngaphandle kwenkantolo ngoLwesihlanu. Uthe lesi sinqumo sifakazela ukuthi i-ANC isebenzise amandla ayo ukuvikela uRamaphosa.
“Awukwazi ukuvota ukuvikela ubugebengu. Awukwazi ukuvota ukuvikela inkohlakalo ngoba ivoti ngalinye kumele lihambisane nokuhluzeka kwengqondo,” kusho uMalema.
Umholi osanda kukhethwa kwiDemocratic Alliance uGeordin Hill-Lewis uthe uRamaphosa kumele manje aphendule ngokugcwele kubantu.
Uthe lesi sinqumo sikhombisa umugqa ocacile phakathi kweqembu lakhe ne-ANC.
“Sekunesikhathi eside i-ANC ingamele isiko lezepolitiki lapho ukuziphendulela kubambezeleka noma kugwenywe uma kuba nenkinga,” kusho uHill-Lewis.
Uthe ikomiti elithwesa amacala manje kumele lenze umsebenzi walo ngendlela efanele.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa uzobhekana nekomiti elithwesa amacala ngodala lepulazi iPhala Phala.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
