INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isichithile isicelo sikaZuma noMagashule

Lungani Zungu

Bobabili uJacob Zuma nomsekeli wakhe wokuqina u-Ace Magashule bathole izindaba ezimbi kubaphathi bezomthetho ngoLwesihlanu ngesikhathi iNkantolo eNkulu ikhipha isinqumo.

Isicelo sikaZuma ebesifakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sichithiwe safakwa izindleko. Lokhu kusho ukuthi uZuma uzoqhubeka nokudonsa isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ophikweni lwezokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt.

Isicelo sikaMagashule sokuthi ukumiswa kwakhe esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC, asivumelani noMthethosisekelo sinqatshwe yiNkantolo eNkulu yase-Gauteng, kanjalo nemizamo kaMagashule yokumisa uMengameli uCyril Ramaphosa.

UMagashule uthe uzosidlulisela phambili lesi sinqumo.

UZuma manje ubeke amathemba akhe eNkantolo yoMthethosisekelo, lapho afaka khona isicelo sokuthi isigwebo sakhe siguqulwe. Lolu daba luzolalelwa ngoMsombuluko mhlaka zi-12 kuNtulikazi..

Ukube iJaji laseMgungundlovu uBhekisisa Mnguni ukhiphe isinqumo esivuna uZuma, lowo owayengumengameli bekungenzeka aphume ejele njengoba kusalindwe umphumela weNkantolo Yomthethosisekelo ngoMsombuluko.

Inkantolo ephakeme igwebe uZuma ngoLwesibili olwedlule ngokudelela umyalelo wakhe wokuvela kuphenyo lwekhomishini eholwa yiPhini lamajaji uRaymond Zondo.

UZuma uqale isigwebo sakhe ngokusemthethweni ngoLwesine, ngemuva kwengxoxo eyathatha amahora ayisishiyagalolunye namaphoyisa ukuba azinikele ngaphambi komzuzu wokugcina ngoLwesithathu.

Imisiwe imizamo kaMagashule yokubuyela emsebenzini wakhe ngokugcwele eLuthuli House, ekomkhulu le-ANC.

Amajaji eNkantolo eNkulu yase-Gauteng, iJaji uJody Kollapen, uShararise Weiner no-Edwin Molahlehi, bonke basichithile isicelo sikaMagashule, bafaka nezindleko zabammeli abathathu.

UMagashule wayefake isicelo sokuthi ukumiswa kwakhe ngoNhlaba akukho emthethweni, akuhambisani noMthethosisekelo, futhi kuyinto engekho.

Kodwa amajaji alikhipha ngaphandle icala lakhe.

Amajaji abuye amemezela incwadi yokumiswa kwakhe ayeyibhekise kuMengameli we-ANC uRamaphosa njengokungahambisani nomthethosisekelo. “Ukumiswa kukaRamaphosa bekuphikisana nomthethosisekelo we-ANC,” kusho amajaji.

I-ANC yamisa uMagashule ngemuva kokuthi enqabe ukwehla esikhundleni ngokuzithandela ngemuva kokubekwa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo yethenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Ukudunyazwa ngumthetho kukaZuma noMagashule kuza njengoba impi yombango wabafuna ukuphatha ngaphambi kwengqungquthela ebaluleke kakhulu yokukhetha ubuholi ngoZibandlela ozayo.

Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC (NEC) nonguNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula ubhale ku-Twitter wathi: “I-ANC ifana nolwandle iyazihlanza” ngemuva nje kokukhishwa kwezinqumo ezimbili.

Izihloko zakamuva