INkantolo enkulu eseNyakatho ye-Gauteng isiyalele uNgqongqoshe WezeMfundo eyiSisekelo uAngie Motshegka ukuthi abuyisele uhlelo i-National School Nutrition Programme (NSNP).
Inkantolo ithe uNgqongqoshe nabo bonke abanye oNgqongqoshe bezemfundo esifundazweni – ngaphandle kweNtshonalanga Kapa – bebephula uMthethosisekelo. Lokhu kungenxa yokuthi bahlulekile ukuqala kabusha uhlelo lokuphakela izikole ngesikhathi kuvulwa izikole.
IJaji leNkantolo eNkulu uSulet Potterill uthe:
•Uhulumeni wehlulekile ukondla izingane
•ONgqongqoshe kufanele banikeze futhi babuyise uhlelo lokudla ngokushesha kubafundi abafanelekile abayizigidi eziyisishiyagalolunye
•Uhulumeni kumele abike enkantolo kungakapheli izinsuku eziyishumi ngohlelo – futhi batshele inkantolo ngazo zonke izinhlelo ngaphansi kwesifungo, njalo ngezinsuku eziyi-15 zokuqhubeka kohlelo
I-GroundUp ibike ukuthi, Isikhungo somthetho semfundo elinganayo kanye nesigaba sama-27, esethula lolu hlelo oluphuthumayo, ichaze lolu hlelo ngokuthi “uhlelo olusindisa impilo yabantu abampofu kakhulu”.