Inkampani i-Discovery Holdings izophoqelela abasebenzi bayo ukuthi bagomele i-Covid-19

Xolile Bhengu

Ngenkathi i-Discovery Holdings imemezela ukuthi izoba nokugoma okuyimpoqo okubhekiswe kubasebenzi bayo mhla ziyi-1 kuMasingana ngonyaka wezi-2022, lo mbono ubonakale njengoyimpikiswano.

U-Adrian Gore, ongumphathi (i-CEO) we-Discovery Group waqala ngoMandulo ukumemezela lokhu, okuyisinqumo izinkampani eziningi zaseNingizimu Afrika ezingase zisilandele maduze njengoba zibhekene nale nkinga yobhubhane lwe-Covid-19 oluhlala luvela, futhi luphonselwa inselelo ngenxa yokwanda okubonakalayo kwabantu abangafuni ukuvolontiya ukujovela i-Covid-19.

UGore umemezele ngoLwesibili ukuthi bayizi-10,000 (okungama-94%) abasebenzi benkampani asebeze ngaphambili ukuzothola umgomo wabo wokuqala we-Covid-19 futhi balindele ukuthi uphele unyaka bengama-97% abasebenzi asebegonyiwe.

Le nkampani ithe lolu bhubhane selibaphuce amakhasimende abo ayizi-15,000 kanye nabasebenzi abangama-22.

Inkampani ithe abasebenzi abangama-26% baphikisana nokugoma okuyimpoqo ngenxa yezizathu zokwelashwa, abangama-39% bawunqaba ngenxa yokuhlonipha umzimba, abayi-17% bawunqaba ngenxa yezizathu zenkolo, abangamaphesenti amabili bawunqaba ngenxa yezizathu zamasiko, kanti abayi-17% abanqabayo banezinye izizathu zabo ezehlukile.

“Impikiswano yokuthi ingabe imigomo ye-Covid-19 kufanele ibe yimpoqo isalokhu ishisa futhi sicabange ukuthi kungaba usizo ukwabelana ngolwazi lwethu njengoba izinkampani zinquma ukuthi ziyayisebenzisa noma cha inqubomgomo ye-Covid-19 eyisibopho,” kusho uGore.

Isikhulu esiphezulu se-DG Murray Trust udokotela uDavid Harrison uthe igunya lomqashi kanye nezitifiketi ezikhombisa ukuthi usugomile kuyizimpawu ezibalulekile emphakathini njengoba izwe selisezingeni lapho lilindele ukuthi wonke umuntu agonywe.

I-DG Murray Trust isanda kuhlanganyela neQembu lakwa-Shoprite ukuhlinzeka ngamavawusha empahla yemali eyikhulu kubantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu, njengesikhuthazo sokugoma.

Inhlangano imile enkolelweni yokuthi ukungabazwa komjovo wokugoma kuxhumene namaqiniso ezenhlalo nezindleko ezweni zemali.

Okhulumela uMnyango wezempilo uFoster Mohale uthe abawuvali umqondo wokuthi i-Discovery isebenzise umgomo oyimpoqo wokugoma.

Umnyango wezempilo usanda kumemezela ukuthi izwe selinolunye uhlobo olusha lwe-Covid-19 olubizwa nge-Omicron olusabisa ngokuqala igagasi lesine ezinyangeni ezizayo.

Izihloko zakamuva