Injabulo kumsakazi wezemidlalo esayina isivumelwano ne-94.7

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umakadebona womsakazi wezemidlalo wakuleli uRobert Marawa usayine isivumelwano ne-94.7 ezokhombisa uhlelo lwakhe iMarawa Sports Worldwide idlala bukhoma kulesi siteshi.

URobert oneminyaka engu-49 ubudala ungumuntu ohlonishwa kakhulu kwezokusakaza kuleli kanti isikhulu esiphezulu se-Primedia Broadcasting, uLindile Xoko uzwakalisa injabulo ngokusayinisa lo makadebona.

“Kuyangijabulisa ukuthi i-Primedia ihlanganyele noRobert Marawa, ohlonishwa umhlaba wonke njengomphathi wezemidlalo nomsakazi ohlonishwayo,” kusho uXoko.

“Umsakazo i-94.7 izokwethulela amakhasimende ayo umbukiso wezemidlalo ohamba phambili kaRobert.”

UMarawa ubize lesi sinyathelo njengesinqumo esihle kakhulu emsebenzini wakhe wokusakaza.

“Ukuthuthela kwami ku-Primedia kuwumlando futhi kuyajabulisa kanti kuzokwakha ukufinyelela okubanzi kubo bonke abalandeli be-MSW.”

“Ngibonga i-Arena ne-Primedia ngokubona lokhu okuyinto ezohlanganisa izinkundla ezine ezihlukile, ngaleyo ndlela kuzokwenzeka umlando emsakazweni.

“Ngalesi sinyathelo, siphakamisa umdlalo wabathandi bezemidlalo bakuleli nangale kwayo. Kimina ngokomsebenzi, lesi isikhathi esihle kakhulu emsebenzini wami womsakazo.”

I-MSW izodlala bukhoma phakathi nesonto ngehora lesithupha ntambama esiteshini se-Primedia i-94.7 kusukela ngoLwesithathu mhla zizinye kuNhlolanja. Izophinde itholakale kuVuma FM, i-Rise FM, i-SowetanLive, nasezinsizeni zokusakaza ze-Primedia.

Osesithombeni esingenhla: URobert Marawa

Umthombo wesithombe: @PhilMphela

Izihloko zakamuva