Injabulo engena kweyandulela amanqamu

Dylan Bettencourt

UNick Kyrgios uhlule uBrandon Nakashima ngoMsombuluko ukuze azibekisele indawo kuma-quarter-finals e-Wimbledon futhi ngokumangalisayo akazange abe nezinkinga.

Kodwa ugcine okubi kakhulu ekugcineni.

Lo mdlali wase-Australia udume ngokuba nekhanda eliqinile ngenxa yokukhononda ngokweqile ngesikhathi somdlalo.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ubenezikhalo ezimbalwa kakhulu phakathi nomdlalo, kodwa akuzange kube khona ingxabano.

Kodwa njengoba umdlalo ubusuphelile uKyrgios ubelungiselela ingxoxo yakhe ngemuva komdlalo washibilika egqoke amateku abomvu nesigqoko esibomvu se-Jordani ephula ikhodi yokugqoka ye-Wimbledon emhlophe.

Ngesikhathi ebuzwa kamuva ukuthi kungani ephule umthetho olandelwa yibo bonke abadlali kuze kube manje, uphendulo wathi “ingoba ngenza engikufunayo.”

Intatheli ibuze uKyrgios ukuthi ungaphezu komthetho yini. Uphendule wathi “cha angikho ngaphezu kwemithetho ngithanda ukugqoka ama-Jordans ami,” kuphendula uKyrgios.

“Kulungile ngizogqoka izinto ezimhlophe kusasa.”

UKyrgios usehlawuliswe u-R227,000 ngamacala amabili ahlukene kwi-Wimbledon ukuthifela amathe ebhekise kumlandeli ngesikhathi enqoba umzuliswano wokuqala kanye nokuthuka inhlamba ngesikhathi ehlula uStefanos Tsitsipas.

UKyrgios ongene kwi-Wimbledon njengomdlali ongakadlali udlale kuma-quarterfinal alo mqhudelwano okokuqala selokhu aqala ukudlala ngonyaka ka-2014.

Manje usezobhekana noChristian Garin wase-Chile ngoLwesithathu bebanga ukungena endaweni yesine.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva