Injabulo egwetshwa udilikajele uShoba

Sibonelo Zwane

Kube nenhlokomo kwaqhuma nehlombe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngesikhathi uNtuthuko Shoba egwetshwa udilikajele ngokuqasha inkabi ukuthi ibulale intombi yakhe eyayikhulelwe inezinyanga eziyisishiyagalombili.

UTshegofatso Pule watholakala edutshuliwe elenga esihlahleni e-Roodepoort ngemuva kokuthi abulawe mhla zizine kuNhlangulana ngo-2020.

IJaji eliyibamba uStuart Wilson uchaze kabanzi ngezizathu ezenza uShoba agwetshwe udilikajele ngeqhaza alibamba ekushoneni kukaPule ngesihluku.

“Uzohlala ejele impilo yakho yonke ngaphandle uma iziphathimandla zikashwele zikubona ukulungele ukukhululwa ngesikhathi esithile,” kusho uWilson.

“Ukubulawa kukaPule bekuhleliwe yingakho ngithole uShoba enecala ngomhlaka-25 kuNdasa. Ngakho-ke kufanele ngigwebe uShoba udilikajele ngaphandle uma kunezimo ezingiphoqayo ukuthi ngithathe isinqumo esihlukile,” kusho uWilson.

Ngesikhathi ijaji likhipha isinqumo, kuzwakale umsindo wenjabulo nokushaywa kwehlombe emabhentshini asenkantolo.

UWislosn uthe uPule ubengumuntu onethemba, onomusa, futhi osemfashinini – kanti ukulahlekelwa nguye kubaphathe kabi bonke ababemthanda.

“Umndeni wakhe uke wabhekana nezinhlungu nokuhlukumezeka ngokwengqondo, izihlobo zakhe ezisondelene nomndeni zizophila ngaphansi komthwalo wokulahlekelwa nguye. Ubengumuntu wesifazane ovulelekile odinga uthando kanti uShoba ubewuthando ayecabanga ukuthi uyaludinga,” esho.

Umalume kaPule, uTumisang Katake, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni ubukhuluma ngokuthi ingane uKamano ubezobe ehlanganisa iminyaka emibili kulo nyaka.

“Kubuhlungu kithina njengomndeni ngoba bese senze izinhlelo ngengane. Sasijabule, uTshego washona enezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe ngakho ungacabanga ukuthi wonke umuntu wayeyilindele kanjani ingane. Namuhla bekuzwakala sengathi umngcwabo wakhe futhi,” usho kanje.

UKatake wengeze ngokuthi manje umndeni usungakwazi ukuqala inqubo yokuzila.

Izihloko zakamuva