Injabulo bethola ibheyili abaholi bomphakathi eDiepsloot

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abaholi abathathu base-Diepsloot ababoshwe ngesonto eledlule ngoLwesine badedelwe ngebheyili ka-R500 umuntu ngamunye.

Abaholi be-Diepsloot Community Forum, uLefa Nkala, uJack Hlongwane kanye noLoyiso Toyiya babhekene namacala ahlobene nodlame emphakathini oluhlobene nemibhikisho yakamuva elokishini lase-Gauteng.

Kutheleke izinkumbi zabantu enkantolo ukuzokweseka abaholi. Abalandeli bebecula bedansela izingoma zomzabalazo ngesikhathi belinde umphumela wenkantolo.

Ngemuva kokudedelwa kwabo, isixuku sigcwale injabulo kwachwaza. Nabaholi babonakale bejabule bebingelela isixuku. Ukumamatheka ebusweni babo bekukhombisa ukukhululeka kwabo ngemuva kokugcinwa esiteshini samaphoyisa e-Jukskei cishe isonto lonke.

Abantu bebeqhamuka ezindaweni ezahlukene eGoli ngamatekisi abanye behamba ngezimoto zabo bekhombisa ukweseka abaholi babo.

Bekunenqwaba yamaphoyisa kanye nezimoto zipake ngaphandle kwamagceke enkantolo.

Ngaphakathi enkantolo, bekugcwele phama. Idlanzana labaholi abaqokiwe bavunyelwe ukuthi bangene bathamele ukuqulwa kwecala.

La madoda abehola amamashi okulwa nobugebengu emasontweni edlule. 

Izakhamizi bezikhala ngezinga eliphezulu lobugebengu elokishini lazo.

Bebelokhu befuna uMengameli Cyril Ramaphosa akhulume nabo.

Abasolwa ngokugqugquzela imibhikisho bazobuyela enkantolo ngomhlaka-17 kuNcwaba. 

Isithombe esingenhla: Abaholi bomphakathi base-Diepsloot

Izihloko zakamuva