Inhlangano yethenisi yabesifazane ihoxise yonke imidlalo ebihlelelwe ukudlalwa e-China kulandela ihlazo likaPeng Shaui

Dylan Bettencourt

I-Women’s Tennis Association (i-WTA) imemezele isinqumo sokumisa yonke imincintiswano yethenisi e-China ngenxa yokukhathazeka ngokuphepha kukaPeng Shaui.

Lesi sihlabani somdlalo wethenisi saduka ezinsukwini eziyishumi ngemuva kokusola lowo owayeyiPhini likaNdunankulu wezwe ngokumphoqa ukuthi enze ucansi eminyakeni emithathu edlule.

Emasontweni amabili ngemuva kokunyamalala kwakhe okubikiwe, uShaui wavela esidlangalaleni ocingweni lwevidiyo ne-International Olympic Committee (i-IOC).

“Ngokwesekwa okuphelele kweBhodi Labaqondisi be-WTA, ngimemezela ukumiswa ngokushesha kwayo yonke imiqhudelwano ye-WTA e-China, kuhlanganisa ne-Hong Kong,” kusho uSihlalo we-WTA kanye noMphathi uSteve Simon esitatimendeni ngoLwesithathu.

USimon wengeze ngokuthi ngeke avumele abadlali babo ukuthi baqhudelane esizweni lapho uzakwabo uShaui engavunyelwe ukuxhumana ngokukhululeka ngokucindezelwa njengoba ephoqeleke ukuthi ahoxise izinsolo zokuhlukumezeka ngokocansi.

“Uma kubhekwa isimo samanje, ngikhathazeke kakhulu ngobungozi babo bonke abadlali nabasebenzi bethu abangabhekana nabo uma sizoba nemincintiswano e-China ngowezi-2022,” kusho uMphathi.

Bekuhlelwe imidlalo Yabesifazane eyi-11 ukuba idlalwe eChina ngaphambi kokuthi imithetho ye-Covid-19 iphoqe inhlangano ukuthi ithuthe noma ihlele kabusha imiqhudelwano. Umqhudelwano wangowezi-2022 ubungakahlelwa.

Ngaphambi kobhubhane lwe-Covid-19 ngowezi-2019, i-China yasingatha imiqhudelwano eyi-10 eyahlukene ngomklomelo wezigidi ezingama-R478.

Inhloko-dolobha yezwe, i-Beijing izosingatha ama-Olimpiki Asebusika ngoNhlolanja wezi-2022 emqhudelwaneni obuvele unempikiswano ngesinqumo sokusebenzisa iqhwa mbumbulu edolobheni elintula kakhulu amanzi nokuyinto egxekwe kakhulu.

Izwe laseMelika kanye nelase-United Kingdom acabanga ukuduba lo mqhudelwano ngenxa yerekhodi elibi lase-China lamalungelo abantu  elingavimba isithunywa esisemthethweni noma osopolitiki ukuba baye kule midlalo ngonyaka ozayo.

Isikhulu se-WTA siqhubekile nokuveza ukuthi lolu udaba abangeke baluyeke futhi bafuna ukuthi kwenziwe uphenyo olugcwele noluvulelekile ngalezi zinsolo.

Izihloko zakamuva