Ingwe ethuse abantu base-Limpopo izoshintsha indawo yayo

Elmon Tshikhudo

Sekuphele izinyanga ezimbili lesi sigodi singakwazi ukuthula.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi kubonakale ingwe ekhulile yesifazane esigodini sase-Maswanganyi, ngaphandle kwase-Giyani e-Limpopo, izikhawu eziningi.

Ingwe, engesinye sezilwane ezisatshwayo zasendle, iqale ukubonakala esigodini sase-Dzingidzingi ekuqaleni kukaNhlangulana.

Kodwa-ke yanyamalala. Akekho noyedwa owaziyo ukuthi ibivelaphi.

Ingwe ibibonakala ngezikhathi ezithile emahlathini aseduzane, okudale ukukhathazeka kubahlali.

Njalo uma ike yabonwa, isigodi sonke, nemizana eyakhelene naso, babethuka, besaba futhi bengavikelekile.

Ngesonto eledlule ibonakele esigodini esiseduze sase-Maswanganyi.

Izikhulu zokongiwa kwemvelo zase-Giyani zabizwa zayibamba, ngaphambi kokuyithatha.

Ukuthula kubuyiselwe emphakathini obuhlala ngokwesaba ikati elikhulu lasendle.

UNdzalama Maswanganyi oyisakhamuzi sakule ndawo uthe isigodi asikaze sifane ngemuva kokubonakala kwengwe endaweni yabo.

“Siwumphakathi onokuthula kodwa ukuthula ebesinakho bekugcwele ukwesaba,” esho.

“Ingwe yisilwane esiyingozi kakhulu futhi akekho ofisa ukuhlangana nayo ubuso nobuso.

“Besazi ukuthi noma yini ingenzeka noma yinini ngoba ingwe ibicashe ndawana thize emahlathini. Abelusi bezinkomo nalabo abanamasimu bebengasazizwa bephephile,” esho.

Isakhamuzi uCosta Mathye wabika ukuthi kubonakale ingwe kuHosi Maswanganyi, owabiza onogada bomnyango wezokuthuthukiswa komnotho nezindaba zezemvelo.

Bayibamba bahamba nayo.

“Sikhululekile njengomphakathi manje njengoba sesazi ukuthi isithathiwe,” kusho uMaswanganyi.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo, uZaid Khala ukuqinisekisile ukuthi kubanjwe ingwe yesifazane ehlathini eliseduze nesigodi sase-Maswanganyi.

“Njengomnyango siyajabula ukuthi akukho mibiko yomonakalo esike yatholakala. Sesithathe lesi silwane sasiyisa endaweni efanelekile yezilwane zasendle ukuze sihlumeleliswe. Sinxusa imiphakathi ukuthi isazise uma ibona izilwane zasendle ezindaweni zazo,” esho.

Izihloko zakamuva