INgonyama entsha yaseAfrika iyinkosi yamadlelo aluhlaza

Uneminyaka eyisithupha nje kuphela futhi ushisa umhlaba wegalofu ngomlilo ngale kwezindonga zaseAfrika.

UVezokuhle Ngcobo wase-Ekangala ngaphandle kwase-Bronkhorstspruit empumalanga ne-Tshwane, owaziwa njengeNgonyama yeAfrika ngenxa yomsebenzi wakhe wesikhathi eside, uthe waziswa ngegalufu ngubaba wakhe ophinde abe ngumqeqeshi wakhe futhi osebenza njengomuntu ophethe zonke izinto zakhe.

UNgcobo kwakufanele aye e-USA nase-Canada ngoNdasa ngemuva kokuthi elungele ukumela iAfrika  eqenjini leminyaka yakhe, kepha umvalelo waqeda lezo zinhlelo.

Ekhulunyelwa ngubaba wakhe, uNgcobo uthe uyazi ukuthi uzolithola elinye ithuba.

“Ungumfana onethemba ozimiselayo futhi. Ngiyamfundisa ukuthi uma kufanele kube njalo, kuzokwenzeka,” kusho uNgcobo omdala.

Uthe ikusasa libukeka liqhakazile ngendodana yakhe esike yaklonyeliswa ngezindondo ezinhlanu kusukela ezingeni lesihlanu lomvalelo.

Le nsizwa ithe ibukela kubantu abafana noTiger Woods futhi inethemba lokuthi ingafinyelela kulelo zinga.

UNgcobo omdala wayeka umsebenzi wakhe wosuku ukuze aqeqeshe indodana yakhe.

“Ngangisembuthweni wezempi iminyaka eyisikhombisa. Ngenkathi ngimethula kulo mdlalo, wawuthanda ngokushesha. Ngiyawuthanda nami lo mdlalo kanti mina  nomama wakhe sanquma ukuthi kufanele ngiyeke umsebenzi wami ukuze ngigxile kuye,” uyasho.

Ubaba ubona kuyisibusiso esifihliwe ukuthi ingane yakhishwa esikoleni samabanga aphansi i-Bronkhorstspruit  ngenxa yalolu bhubhane.

“Udlala imiqhudelwano eminingi futhi lokhu bekungaba nomthelela kumamaki akhe, kodwa sihlela ukumfundisela  ekhaya ukwenza isiqiniseko sokuthi akakhohlwa umsebenzi wakhe wesikole,” uyasho.

UNgcobo uthe wayedlala neminye imidlalo efana nebhola.

“Kodwa ngifuna ukwaziwa emhlabeni wonke njengomdlali wegalofu ohamba phambili ukwedlula bonnke ebake baphuma eNingizimu Afrika,” kusho uNgcobo ngemuva kokuthola umklomelo wokuqala womqhudelwano we-South African Kids’ Golf – eshaya owathola indawo yesibili ngamashothi ayisikhombisa.

Izihloko zakamuva