Ingebhe kwanda izifo zocansi eNgilandi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

INgilandi iqhophe amazinga aphezulu ezifo ezithathelana ngocansi (STIs), i-gonorrhea kanye ne-syphilis.

Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwezifo ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid.

“Izifo ezithathelana ngocansi azisona nje isiphazamiso kuphela – zingaba nomthelela omkhulu empilweni yakho nakunoma yibaphi abantu owenza nabo ucansi,” kusho uDkt Hamish Mohammed we-UK Health Security Association.

“Amajazi omkhwenyana ayindlela yokuzivikela engcono kakhulu kodwa uma ungazange uwasebenzise ngesikhathi ugcina ukwenza ucansi nomuntu omusha noma othandana naye kufanele uhlolwe ukuze kubonakale ukuthi yiziphi izifo ezingase zibe khona nokuthi uvimbele ukuzidlulisela kwabanye,” esho. Ukuhlola kubalulekile ngoba ungase ungabi nazo izimpawu ze-STI.”

Nyakenye iNgilandi iqophe ukuthelelana kwabantu abangu-82,592 nge-gonorrhea okuwukwenyuka ngo-50% kwabantu abangu-54,661 ababetheleleke ngalesi sifo onyakeni owandulela lowo.

I-BBC ibike ukuthi izibalo ze-UK Health Security Agency zikhombisa ukuthi i-syphilis inyuke ngo-15% isuka kubantu abangu-7,543 abathelelekile yaya kwabangu-8,692.

Kwakukhona ukuhlolwa kwezempilo kocansi okungu-2,195,909 – kwenyuke ngo-13% okuyisibalo esingaphezu kwanyakenye.

I-Chlamydia kwakuyisifo esitholakala kakhulu ngocansi kanti manje abantu abathelelekile bangu-199,233 abaqoshwe ngesikhathi i-syphilis ifinyelela phezulu kunoma yimuphi unyaka kusukela ngo-1948.

Izibalo zabatheleleke nge-gonorrhea zaziphakeme kakhulu selokhu kwaqoshwa amarekhodi okuqala ngo-1918.

Isikhulu esiphezulu se-Terrence Higgins Trust, uRichard Angell utshele i-BBC ukuthi ukuncishiswa kwezinsizakalo zezempilo zocansi kwenza isimo sibe sibi kakhulu. Uthe lena inhlangano yaseBrithani esiza abantulayo ekhankasela ukuthi kuhlinzekwe ngezinsiza eziphathelene ne-HIV nempilo yezocansi.

“Lokhu kwaba kubi kakhulu ngesikhathi kuqubuka i-monkeypox nyakenye nokuyinto eyenza ukuthi imitholampilo yezocansi ezindaweni ezithinteke kakhulu ingakwazi ukuhlinzeka ngokuhlolelwa i-HIV ne-STI ukuvimbela i-HIV kanye nezindlela zokuvimbela inzalo ngenxa yokuvinjelwa kwalezi zinsiza ezibalulekile,” kusho u-Angell.

“Mhla impilo yezocansi yanakwa ngendlela efanele – nokwenza kube lula ukufinyelela kulezi zinsiza – ngeke silibone inani lezifo ezithathelana ngocansi lehla.”

Esithombeni esingenhla: I-Gonorrhea

Izihloko zakamuva