Ingahle idlalelwe kuleli kulonyaka i-IPL

Razeen Gutta

Kubikwa ukuthi ukwanda ngokuthelelana nge-Covid-19 e-India sekufake i-Indian Premier League (IPL) ehlazweni.

Njengoba kunokungabaza ngezinkundla zemidlalo zase-India, iNingizimu Afrika ibalwa phakathi kwezindawo okuthiwa zingahle  zisingathe umqhudelwano.

Iqembu lesizwe labesilisa lase-India njengamanje liseNingizimu Afrika futhi ngokusho kwe-Indian Express, i-Board of Control for Cricket in India (i-BCCI) iqaphe ngeso lokhozi ukuthi kuzobaphatha kanjani abadlali ukwelashwa nge-bio-bubble ezweni.

I-India isanda kungena kkwisivunguvungu sesithathu saleli gciwane futhi njengoba i-IPL ihlelelwe ukuthi iqale ngomhlaka-2 kuMbasa, kunezinye izindawo ezicatshangwa.

Ngonyaka odlule, lo mqhudelwano wamiswa phakathi nendawo ngenxa yokwenyuka kokuthelelana nge-Covid-19 yaze yaqala kabusha ngoMandulo e-UAE.

INingizimu Afrika isematheni ngokuba nezindawo zokudlalela lo mqhudelwano kulo nyaka, ngokusho kwesikhulu sakwa-BCCI.

Umthombo ithe ku-Indian Express “asikwazi ukuthembela ku-UAE ngaso sonke isikhathi ngakho-ke sinqume ukuhlola ezinye izindawo. Umehluko wesikhathi saseNingizimu Afrika nawo usebenza kahle kubadlali”.

Ngemuva kohambo oluyimpumelelo ohlangothini lwe-India ngaphambi kohambo lwamanje, impendulo evela ohlangothini lokuhlola nayo ibe yinhle.

UKL Rahul, odlale emiqhudelwaneni emithathu futhi ozoba ngukapteni weqembu kuma-ODI, uthe i-Cricket South Africa (i-CSA) yenze kahle ukugcina iqembu lijabule eNingizimu Afrika.

“Ayikho i-bio-bubble ejabulisayo, kodwa ngicabanga ukuthi kungcono kakhulu okwenziwe ukusigcina sijabule kakhulu. Ngempela siphathwe kahle kulolu chungechunge, futhi silujabulele kakhulu,” kusho uRahul ngaphambi kwe-ODI yokuqala e-Paarl.

Ithimba belihleli e-Irene Country Lodge ngesikhathi liseGoli kodwa manje  selizinze-Taj Hotel eKapa.

Isikhulu se-BCCI sikuncomile  ukusetshenziswa kwezinkundla ukugcwalisa abadlali bekhilikithi.

“Indawo lapho iqembu ebelihlala khona igcwele amahektha ambalwa. Bekukhona ngisho nechibi endaweni  lokho okwenze izinto zaba lula kubadlali osekuphele iminyaka embalwa noma ngaphezulu bevaleleke emagumbini abo ohambweni lwabo lwaphesheya kwezilwandle,” kusho umthombo utshela i-Indian Express.

Umthombo wesithombe: @ESPNcricketinfo

Izihloko zakamuva