INdlovukazi Yendlunkulu YakwaZulu isiphenduke undlovukayiphikiswa

Celani Sikhakhane

Kubukeka sengathi unkosikazi wokuqala weSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini, iNdlovukazi uSibongile Zulu, usevele uzisikela isabelo efeni leNkosi engasekho.

Okokuqala, iNdlovukazi ithathe izinkomo ezingaphezu kwezi-2 900, yanika amanye amakhosikazi izinkomo ezingama-29 ngamunye.

Lezi zinkomo beziyiminikelo evela kwabazobhonga emswaneni selokhu kwakhothama iSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu mhla zi-12 kuNdasa.

Ngemuva kwalokho isamba semali engaphezu kwezigidi ezi-R4  sanyamalala endlini yeNdlovukazi uSibongile ngaphambi kokuthi sabiwe ngokulinganayo kumakhosikazi eNkosi.

Manje iNdlovukazi uSibongile usenikeze izi-R20,000 kumakhosikazi ngamunye wathi ingxenye yawo (eyizi-R2,000) eyokukhokhela amadoda abheka imfuyo yabo.

Kuyaziwa emphakathini ukuthi iNdlovukazi uSibongile yayingasavumelani kahle nomyeni wayo futhi phambilini yayifuna isehlukaniso phakathi kwayo neSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

 Ukungaphathi kahle kwakhe amanye amakhosikazi emshadweni wesithembu, kuza njengoba eye eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu eyozifunela u-50% wefa leNkosi.

I-Scrolla.Africa iyakuqonda ukuthi omunye wamakhosikazi ubethukuthele kangangokuthi ubefuna ukubuyisela izinkomo emuva ngoba ubekholelwa ukuthi izinkomo ezingaphezu kwezi-3 000 zanikelwa ngabazilile futhi ubelindele okungaphezulu kwalesi sabelo asitholile.

“Amanye amakhosikazi athukuthele ngemuva kokuba ethole izi-R20,000 afuna izincazelo ngokuthi imali ivelaphi,” kusho umthombo wasebukhosini.

“Batshelwe ukuthi imali eyizigidi ezi-R4 million ebinikelwa ngabantu abebezobhonga emswaneni inyamalele.”

“Ngeke simangale uma kungukuthi usebenzisa le mali ukukhokhela abammeli bakhe,” kuqhuba umthombo.

Imizamo yokuthola iNdlovukazi uSibongile ayiphumelelanga, kanti okhulumela umndeni, uMntwana uThulani Zulu ubengafuni ukuphawula ngalolu daba.

“Angiphawuli ngezinkinga zasekhaya ezithinta iziNdlovukazi. Okwami wukuthi ngiphawule ngezinkinga ezithinta uhulumeni nomndeni wasebukhosini, hhayi lokhu,” kusho yena.

Izihloko zakamuva