Ososayensi baseMelika bathole uhlobo olusha lwe-coronavirus – futhi kubukeka sengathi lithelelana kakhulu kunezinguqulo zokuqala zalesi sifo.
Lesi sifo sithelelana ngokweqile, okusho ukuthi abantu abakade bene-Covid-19 bangaphinde batheleleke futhi.
Lapho okuvela khona loluhlobo olusha le gciwane, lisheshe lathelela abantu abaningi kakhulu okudlula uhlobo lokuqala le gciwane elatholakala e-Wuhan.
Ososayensi abasebenza emithini yokugoma batshele iphephandaba i-Los Angeles Times ukuthi bayathemba leli gciwane angeke liguquke lifane negciwane lomkhuhlane elishintsha njalo. Lokhu kungadinga umuthi omusha wokugoma njalo ngonyaka.