Incwadi ka-AKA no-Anele izoqala ukudayisa ngesonto elizayo

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Incwadi kaMelinda Ferguson entsha ethi ‘When Love Kills: The Tragic Tale of AKA and Anele’, izoqala ukuthengiswa ngesonto elizayo.

UKiernan Forbes odume ngelika-AKA wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwendawo yokudla eThekwini ngoNhlolanja ka-2023. Umngani wakhe omkhulu owayengumpheki nosomabhizinisi uTebello “Tibz” Motsoane naye wabulawa kulesi sigameko.

U-Anele Tembe wayengowesifazane osemusha owashona kabuhlungu esuka esitezi (10th floor) ehhotela ePepperclub e-Loop Street eKapa ngoMabasa ka-2021, lapho ayehlala khona nesoka lakhe, u-AKA.

Ukukhishwa kwale ncwadi kuvele ezinkundleni zokuxhumana lapho kugujwa iminyaka emithathu kwashona u-Anele.

“Angikaze ngisebenze kanzima okwedlula kule ncwadi,” kubhala uFerguson kuFacebook.

“Angikaze ngiphatheke kabuhlungu ngendaba kanje futhi angikaze ngigcine imfihlo enjengalena, kodwa izindaba zokukhishwa kwencwadi zisanda kuputshuka ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngakho kumele niyizwe ngami. Kube uhambo olunzima ngempela ukukhipha le ncwadi. Kucishe kwabulala ubudlelwano bami, le ndaba yephule inhliziyo yami.”

Isithombe esingenhla: U-AKA no-Anele.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva