Impilo kaZuma yezothando inezinkinga njengempilo yakhe kwezepolitiki

Lungani Zungu

Indoda eziqhenyayo ngesithembu uJacob Zuma wake waba yindoda ejabule emshadweni – kepha njengempilo yakhe yezepolitiki, impilo yakhe yothando isenkingeni.

Ngesikhathi sakhe njengoMengameli phakathi kowezi-2009 nowezi-2018, uthathe amakhosikazi ahlukene emicimbini eyahlukene yomphakathi.

Wayebonakala ebambene ngezandla nonkosikazi wakhe wokuqala uSizakele Khumalo, noma kokunye uNompumelelo Ntuli.

Ngezinye izinsuku, wayehamba noThobeka Madiba noma uBongekile Ngema ongakhonzile abezindaba.

UNompumelelo Ntuli, owaziwa ngelikaMaNtuli, wabopha ifindo likasofasilahlane noZuma ngowezi-2008. Kodwa ngo-2015, uMaNtuli wakhishwa ngaphandle komuzi kaZuma oseNkandla ngemuva kwezinsolo zokuthi wayefuna ukumdlisa ushevu, nokuyinto ayiphikayo.

Ngonyaka odlule uThobeka Madiba wathatha uZuma wamusa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ukuze athole isondlo. Lolu daba luxazululwe ngaphandle kwenkantolo kanti bobabili basashade ngokusemthethweni, kodwa ubudlelwano babo abubuhle kahle.

UMadiba, obejwayele ukuphuthuma ukuyovikela uZuma uma ebhekene nanoma yiyiphi inkinga, akabonakali ndawo phakathi kwezinkinga zakhe zomthetho ezingamfaka ejele.

NjengoMaNtuli, waxoshwa ekhaya likaZuma eliseNkandla ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi uZuma wamsola ngokuthatha ama-sim card akhe aqukethe imininingwane ebucayi.

Wanyamalala emehlweni omphakathi ngemuva kwalesi siqephu esimangazayo.

Ngowezi-2018, ukuthandana kukaZuma ngasese nowesifazane wase-KZN oneminyaka engama-25 uNonkanyiso Conco kwagqama emphakathini ngemuva kokuba akhulelwe. UZuma kuthiwa wamkhokhela amalobolo, wase eba yingoduso yakhe.

Lokhu kuholele ekutheni afakwe emdlalweni othandwa kakhulu i-Real Housewives of Durban edlala ku-1 Magic.

Umbukiso wachuma kodwa ubudlelwano bakhe noZuma babuhlakazeka wabe esemkhipha endlini kanokusho eZimbali ayemqashele yona.

UZuma usele nonkosikazi wakhe wokuqala nowokugcina, uMaKhumalo noMaNgema.

Ngesonto eledlule, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu yayalela lowo owayenguMengameli ukuthi akhokhe imali eyizi-R95 000 inyanga nenyanga kowayengunkosikazi wakhe.

Ngenxa yesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, lowo owayenguMengameli nowayengasezukuba unkosikazi wakhe maduze ngeke badalulwe amagama abo. Lokhu kungemuva kokuba unkosikazi wokuqala efake isicelo sesondlo esiphuthumayo kusalindwe ukuphothulwa kwesehlukaniso sabo. Wayefune imali eyizi-R170,000, kodwa inkantolo yanciphisa imali yaba izi-R145,000.

Izihloko zakamuva