Impicabadala kwelosolwa ngokushisa iPhalamende

Celani Sikhakhane

Ithimba labammeli bakaZandile Christmas Mafe bangabaza ukuvuma kwakhe icala, njengoba bekuchaze njengento engenasisindo.

UMafe uvele eNkantolo yesiFunda yaseKapa ngoMgqibelo ezofaka isicelo esiphuthumayo sebheyili.

Ngesikhathi kulalelwe icala kuvele ukuthi uMafe ubehlela ukuvuma icala ngezinsolo zokuthi uyathinteka ekushisweni kwePhalamende kodwa esikhundleni salokho uMafe uye wanquma ukwenza izimfuno ezithile. Ufune ukuthi uMengameli waseNingizimu Afrika ehle esikhundleni, wathi ufuna kudedelwe uJanusz Waluś, owabulala owayeNobhala-Jikelele we-SACP uChris Hani ngo-1993, kanye nokuthi imali yesibonelelo sikahulumeni inyuselwe ku-R1,500.

Uphinde waveza ukuthi ubengumngani omkhulu ka-Eugene Terre’ Blanche ongasekho  owayengumholi weqembu lomtamolukhuni i-AWB.

Ummeli kaMafe, uLuvuyo Godla, utshele izintatheli ukuthi lokhu akubiza ngokuthi ukuvuma kwakhe icala kuyangabazeka.

“I-NPA ithe uMafe uzovuma icala kodwa izinto azisho enkantolo bezingabazisa. Ngisho neMantshi ikubeke kwacaca ukuthi ukuvuma icala kukaMafe akunasisindo,” kusho uGodla.

UMafe uphinde watshela inkantolo ukuthi uma enikwa ibheyili ngoLwesihlanu ngeke abaleke ngoba uhlela ukumangalela uMbuso.

UMafe ubemmelwe ngu-Advocate Dali Mpofu kanti ugcinwe esitokisini ejele lase-Pollsmoor selokhu aphuma esibhedlela sabagula ngengqondo i-Valkenberg.

Ngomhlaka-4 kuNhlolanja iNkantolo yesiFunda yaseKapa izokhipha isinqumo mayelana nesicelo sikaMafe sebheyili.

Umthombo wesithombe: @eNCA

Izihloko zakamuva