Imiyalezo eseka isithombe esidwetshiwe odongeni somdlali webhola uMarcus Rashford

Dylan Bettencourt

Amakhulu abantu abavela edolobheni lase-Manchester e-UK bashiye imiyalezo yokweseka odongeni olwenzelwe ukubungaza imizamo kaMarcus Rashford yokulwa nendlala yezingane.

URashford uvumile ukuthi ucishe wakhala izinyembezi ngemuva kokuthi abalandeli becekele phansi udonga ngemuva kokugeja amaphenalthi e-England bahlulwa i-Italy kowamanqamu e-Euro 2020 ngeSonto.

URashford, uJadon Sancho noBukayo Saka bonke bahlukunyezwa kabi ngokobuhlanga ngemuva kokugeja kwabo amaphenalthi ngeSonto, okuholele ekutheni abalandeli be-England abebethukuthele begane unwabu babacwase.

U-Akse, umdwebi owadweba lolu donga, usewulungisile lo monakalo futhi akungabazeki ukuthi uzokujabulela ukubona isithombe sakhe sikaRashford sisetshenziselwe ukuthumela imiyalezo yothando kulaba badlali abathathu.

U-Ed Wellard, oxhase lo msebenzi wobuciko, uthe labo abacekela phansi impahla kumele bangajeziswa kodwa bafundiswe. Uthe unethemba lokuthi kukhona okuhle okuzoqhamuka kulesi ngokuqhakambise izingqinamba zobandlululo izwe elibhekene nalo.

“Kunobumbano olukhulu phakathi kwalaba badlali, bebelokhu beyizibonelo ezinhle enkundleni nangaphandle kwenkundla,” esho.

URashford uthe ephendula ukuhlulwa kwabo kwe-Euro 2020: “Ngingakwamukela ukugxekwa ukusebenza kwami usuku lonke. Iphenalthi yami ibingeyinhle neze. Bekufanele ingene phakathi. Kodwa angisoze ngaxolisa ngokuthi ngingubani nokuthi ngivelaphi.”

Ummeli we-Strong Black Lives Matter nongumdlali webhola wase-England uTyrone Mings, ukhwele wadilika kuNobhala Wezasekhaya uPriti Patel ngalolu daba kulandela i-tweet kaPatel echaza ukunengeka kwakhe ngokuhlukunyezwa ngokobuhlanga abadlali ababhekana nakho.

Ubhale ku-Twitter wathi: “Awukwazi ukuqala into ongeke uyimele ekuqaleni komqhudelwano ngokubiza umyalezo wethu wokulwa nokucwasa ‘njengesenzo sezepolitiki’ ebese wenza sengathi uyanengeka uma kwenzeka ncamashi lento esiyikhankaselayo.”

I-Professional Footballers’ Association (PFA) ikhiphe imininingwane ekhombisa ukuthi cishe ama-tweets ayi-1,900 ahlukumeza ngokobuhlanga, kufaka phakathi imiyalezo ethunyelwe eyi-167 echazwe njengengozi enkulu, ehloswe kubadlali abamnyama base-England.

“Ukuhlaziya kwethu kokuqala kuveza ukuthi inani lokuhlukumeza kumdlalo wamanqamu we-Euro 2020, elibhekiswe ikakhulukazi kuSancho, uSaka, uRashford noSterling, beliphezulu kunalo lonke elomqhudelwano selihlanganisiwe.”

Umthombo wesithombe: @AlJazeera

Izihloko zakamuva