Imiphakathi nohlelo lokuzilungisela umgwaqo

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kwemizamo eminingi engaphumelelanga yokuthi umasipala wendawo i-Thulamela ulungise umgwaqo wawo owawucekeleke phansi, izakhamizi zasezigodini ezine eziseduze zihlangane ndawonye ukwenza okuthile ngakho.

Kodwa ngesikhathi izakhamizi zase-Begwa, e-Mpandoni, e-Duvhuledza kanye nase-Mubvumoni seziqala ukuthuthukisa izimpilo zazo, umasipala uvele wakumisa lokho wabashiya besesimweni esibi kakhulu kunakuqala.

Umgwaqo owubhuqu ongamakhilomitha amathathu phakathi kwe-Habegwa ne-Mubvumoni ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo ugcwele imigodi. Isimo sawo siba sibi kakhulu ngesikhathi sezimvula.

Njengoba sebelinde ngesineke usizo olungakaze lufike, izakhamizi zanquma ukuqoqa u-R100 umuzi ngamunye ukuze zithenge usimende kanti ukulungiswa komgwaqo kuqale ngoMasingana kulo nyaka.

Bebezosebenzisa isihlabathi esinamatshe basixube nosimende ezindaweni eziwumqansa okunzima ukudlula kuzo ngesikhathi sezimvula.

Ngesikhathi izakhamizi seziqala uhlelo lwazo, kufike izikhulu zikamasipala zabamisa.

Izikhulu zithembisile ukuthi zizowuqedela umgwaqo. Ukukhombisa ukuzinikela kwabo, ngokushesha umasipala ulethe imishini kanye nenhlabathi eyinkwali.

Kodwa ezinyangeni ezimbili kamuva, namanje abantu basemakhaya abangaphezu kuka-25,000 abakalungiselwa umgwaqo.

Izikhulu zikamasipala azibonwa nangokhalo futhi zishiye inqwaba yenhlabathi emgwaqeni okwenza izimoto zingakwazi ukudlula.

Lokhu kuthukuthelise umphakathi kakhulu.

Ilungu lomphakathi uMnu Mashudu Ralukukwe uthe imiphakathi ibisisebenze kulo mgwaqo iziqephu futhi ibinethemba lokuthi izowuqeda maduze.

“Umasipala usinike ithemba elingelona iqiniso. Sidumele kakhulu ngoba asizange sicele usizo lwabo, bavele beza bazophazamisa umsebenzi wethu ngokugxambukela ohlelweni lwethu,” esho.

“Ngesonto eledlule iloli elikhulu limile lapha nezimoto eziqhamuka nhlangothi zombili zomgwaqo bezingakwazi ukudlula njengoba kusele indlela eyodwa ngesikhathi enye ivinjwe isihlabathi.”

URalukukwe wengeze ngokuthi bebelokhu bebuza ngenqubekelaphambili kodwa umasipala ubanika izethembiso ezingekho.

“Le nto isiqala ukuba inkinga kakhulu, ngoba kunzima ngisho nokudlula. Sinovalo lokuthi kungase kwenzeke okubi kakhulu. Asazi noma balinde ukuthi kube nengozi yini kushone abantu.

“Lokhu kungaphezu kwamandla. Manje sekumele silinde imoto eyodwa ukuthi idlule cishe ikhilomitha elilodwa njengoba sekuhambeka ohlangothini olulodwa lomgwaqo. Asazi nokuthi senzeni noma sibhekephi ukuze sithole usizo.”

Okhulumela umasipala wase-Thulamela uNdwamato Tshiila ukuqinisekisile ukuthi ukulungiswa kwalo mgwaqo kumile ngenxa yezinkinga zobuchwepheshe.

“Imishini yethu iye yaphuka ngesikhathi siqala ukulungisa umgwaqo kwadingeka ukuthi siyihambise iyolungiswa. Manje isilungisiwe futhi isikulungele ukuqala umsebenzi,” esho.

Kodwa uTshiila akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi ukulungiswa komgwaqo kuzophinde kuqale nini.

Izihloko zakamuva