Imfihlo yase-Limpopo eveza ubuciko nokuxhumana namadlozi

UThabiso Sekhula uvakashele umphakathi oveza ubuciko ophinde ukhombise izindlela ezihlukene zokuxhumana namadlozi.

Esigodini sase-Mbokota e-Elim e-Limpopo indawo yomphakathi iqanjwe ngentaba ebizwa nge-Ribola.

Ngaphezu kweminyaka eyikhulu lo mphakathi wezingcweti udlulisele ulwazi lwawo esizukulwaneni, abathungi bezindwangu, abadwebi, abaculi namaciko asebeshisela nezithombe eziqoshiwe besebenzisa izinto ezenziwe kabusha.

Bakwenza konke lokhu ngaphandle kwemfundo.

Bakuthathaphi ukukhalipha kwabo? Kusukela ekukhulumeni nokhokho babo ngamaphupho.

Ngokusho kwalaba baculi ubuciko babo obuningi bufika kubona uma belele noma behambele intaba i-Ribola. Kwesinye isikhathi baba nephupho elibaqondisa okhunini oluthile elisehlathini bagcine izinkuni emzini yabo baze bathole umyalezo wokuthi izinkuni zizoba yini.

Lesi isigodi esesikhiqize osaziwayo abafana noJackson Hlungwani noThomas Kubayi. Ubuciko babo buhlala emakhaya nasezikhumbuzweni emhlabeni jikelele.

Ntambama kulesi sigodi ufica intsha ifundisa umculo kanye namaciko iphethe amathuluzi awo okuqopha okuyilapho bebaza izithombe.

UKubayi uthi kwesinye isikhathi uhlala nokhuni olulodwa isikhathi esingaphezu konyaka.

Izinhlanzi zivelele kwezobuciko  kukhona nabalingisayo. Bamandla futhi nakwizinganekwano. Lezi zithombe eziqoshiwe zifanekisela imiyalezo evela kokhokho.

Amaciko ayevame ukwenza imali ngokungenisa izivakashi nangokudayisa umsebenzi wabo kodwa i-Covid 19 yaphazamisa izimpilo zabo yamisa izivakashi. Nokho abaculi maduzane bathola indlela yokubhekana nenselelo yabo ngokuthengisa umsebenzi wabo kwi-inthanethi.

Sekuyiminyaka engaphezu kwekhulu lo mphakathi uthuthuka emsebenzini wezandla zawo kanye nogqozi oluvela esikhathini samanje, esedlule nesikhathi esizayo babelana ngamaphupho ngokhokho babo kanye nentaba yabo abayikhonzile.

Namanje abakwaziyo basadlulisa ulwazi esizukulwaneni.

Izihloko zakamuva