IMeya ebhekene necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni ingenelwe ngamanzi endlini

Celani Sikhakhane

Ekuqaleni kwale nyanga, amaphoyisa kudingeke ukuthi abhidlize udonga ukuze angene endlini kaVincent Madlala, iMeya kaMasipala i-Alfred Duma eMnambithi.

Ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole izibhamu ezingekho emthethweni endlini, bobabili uMadlala nendodakazi yakhe bathweswe icala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. IMeya yona ibhekene necala elengeziwe lokuphazamisa ukusebenza komthetho.

Manje uMadlala usenkingeni njengoba amaqembu aphikisayo efake isicelo sokungayethembi iMeya.

Amaqembu aphikisayo afuna uMadlala ashiye isikhundla sakhe njengeMeya, ukuze abhekane necala lakhe lobugebengu.

Ivoti lokungazethembi lifakwe yi-DA, i-IFP kanye ne-National People’s Ambassadors (i-NPA) ngoLwesine olwedlule.

UNathi Mthethwa we-National People’s Ambassadors (i-NPA) uthe bafuna uMadlala abhekane namacala akhe ngaphandle kokuphazamisa ukusebenza.

“Sidinga iMeya ekwazi ukusebenzela abantu bethu ngaphandle kweziphazamiso,” kusho uMthethwa.

UMadlala kuthiwa ulwe namalungu ethimba likazwelonke ayezama ukungena emzini wakhe eZakheni eyofuna izibhamu ezingekho emthethweni.

Kudingeke ukuba babhidlize udonga ukuze bakwazi ukungena kuleli khaya, ngemuva kokuthi ezame ukubavimba futhi wakhiya nesango.

I-National Freedom Party isixwayise i-ANC ukuthi uma yehluleka ukukhipha uMadlala emsebenzini wakhe, abantu bazoyivukela.

Okhulumela i-ANC, uMnu Nhlakanipho Ntombela uthe ngeke baphoqe uMadlala ukuthi ashenxe ngoba icala lakhe alihlangene nomsebenzi wakhe.

UKhulekani Msibi oyikhansela le-DA uthe ivoti lokungazethembi lizoba ngoLwesine kuleli sonto.

“Useke waboshwa amahlandla amaningi kanti kulokhu sifuna asuke esikhundleni. Asikwazi ukuholwa ngumuntu obhekene namacala obugebengu njengaye,” kusho uMsibi.

“Okubi kakhulu ukuthi utholakale nezikhali ezingekho emthethweni”.

UMsibi akazange adalule ukuthi yimaphi amacala uMadlala ake abhekana nawo phambilini.

I-DA ikholelwa ukuthi kulokhu umthetho uzothatha indawo yawo njengoba ibheyili ibonakala inkulu, engeza.

UMadlala ubeyiMeya kaMasipala wase-Alfred Duma kusukela ngowezi-2011.

Izihloko zakamuva