
Linda Ximba
Kubantu abaningi baseNingizimu Afrika usuku lomhla ziyisishiyagalolunye kuNhlaba cishe awusho lutho olukhethekile, kodwa e-Harlem edolobheni lase-New York kuwusuku lapho kugujwa khona amaciko amabili aseNingizimu Afrika.
Lolu suku lwamenyezelwa njengosuku lokubungaza uDuma Ndlovu kanye noMbongeni Ngema ngo-2016.
Omakadebona bababhali bemidlalo yeshashalazi kanye nezishoshovu zamalungelo bahlonishwa ngomsebenzi wabo wokuletha i-South African Theatre eMelika.
UNdlovu oneminyaka engu-67, noNgema oneminyaka engu-65 bachitha iminyaka eminingi eMelika ngesikhathi bedingisiwe kanti ngesikhathi belapho bakha ubudlelwano basebenza ndawonye emidlalweni eminingi yasesiteji.
Le midlalo yamukelwe kahle eMelika futhi ihlanganisa nomculo kaNgema wodumo i-Sarafina eyakhonjiswa okokuqala ku-Broadway ngo-1997 yadlala kwaze kwaba ngu-1998.
Izethameli zaseMelika zibheme zakholwa i-Woza Albert umdlalo laba bobabili ababesebenzisana kuwo noPercy Mtwa owakhonjiswa okokuqala ngo-1984.
Ekhumbula lolu suku olukhethekile uNdlovu ubhale ku-Facebook ukuthi “ngaleso sikhathi umuntu wayegijima ezijabulisa nje enza nemidlalo yeshashalazi ekhombisa ukuthi namuhla isiguqule izimpilo zabantu futhi wabhala amagama ethu ezincwadini zomlando!
“I-Voza Rivers isinikeze i-Citations phambi kwenkundla yeshashalazi egcwele e-Harlem lapho bekukhona nabanye abantu ababone umsebenzi wethu eminyakeni engu-30 edlule. Kwakuyisenzakalo esithinta izinhliziyo ngempela!”
Selokhu abuyela ekhaya ngo-1992 uNdlovu usesebenze emidlalweni eminingi efana noMuvhango, Uzalo, Imbewu i-The Seed ethokozelwe ngababukeli abaningi kwi-SABC naku-e-tv.
Uze wathola nethuba lokubhala kwi-Disney, i-The Lion King.
UNgema uphinde abe ngumculi owaziwayo emhlabeni wonke futhi uyadlala emidlalweni yasesiteji ngezikhathi ezithile.